IMPELA AKUKUHLE OKWENZEKE EMCIMBINI KAKHUZANI
kwecd. Ukucula ngecd kukhombisa ukuthi uyivukana, awukwazi ukudlala nebhedi futhi awukwazi ukudlala isigingci, awukwazi nokucula, awukwazi ukuphatha ibhendi.
Lokhu kusho ukuthi izinga lakho emculweni lisephansi. Ngokwami ukubona ukhuzani uhlulekile ukuveza ikhono kubaculi.
Abanye balaba baculi abebelingisa bebebuye babhede isitebhu. Bekubuye kugxume necd. Ngidumele ngibona iningi labantu lingaboni lutho olubi ngokulingisa, bebevele bathi vele kwenziwa kanje ngisho kwimpucuzeko. Iningi belishaya izandla, ligida, licula, lijabulela olingisayo. Iningi engikhulume nalo ngisho nezintatheli baqale bangabona lutho olubhedayo esiteji, baze baqala bavumelana nami uma ngibachazela ukuthi empeleni akuculwa esiteji kuyalingiswa, kudlalwa phezu kwecd. Abalandeli benziwa izilima ekubeni bekhokhe imali enkulu kangaka. Noma ngabe kuthiwa bakhokhe kancane, kodwa akumele badlalelwe ngecd. Ngizamile ukuxhumana nabahleli ngehluleka ngoba ibingekho indlela ebekiwe yokuxhumana nabo (abahleli).
Yimbi le nto yokulingisa. Ayiwuthuthukisi umculo kodwa iwubuyisela emuva. Ngeminyaka yama-1980’s, ngezikhathi zoradio Zulu yayingenzeki le nto yokulingisa kuma-music Festival.
Umcimbi wawuqala ngehora lesishiyangalolunye ekuseni. Abaculi babengena badlale namabhendi abo khona ekuseni kuze kuyovalwa. Sasibona amakhono okudlala izinsimbi ezahlukehlukene, nemidanso njalo njalo.
Okunye okuphoxile kube wukuchithiswa kwabantu imiphako yabo kuthiwa ayivumelekile enkundleni. Bekumele abantu batshelwe ezikhangisweni ukuthi akuvumelekile ukudla enkundleni.
Hhayi ukuthi bashaywe ngebhomu emasangweni. Abahleli abenze indlela yokuba sikwazi ukuxhumana nabo singabalandeli.
Ayibe khona inombolo yocingo, nedilesi yehhovisi ezikhangisweni zomcimbi. Abahleli mabayeke ukucasha ekubeni sibe sibaxhasa ngezimali zethu.
Zwelithini Leo Sibisi (Dkt) Esipingo