Ilanga Lempelasonto

IMPELA AKUKUHLE OKWENZEKE EMCIMBINI KAKHUZANI

-

kwecd. Ukucula ngecd kukhombisa ukuthi uyivukana, awukwazi ukudlala nebhedi futhi awukwazi ukudlala isigingci, awukwazi nokucula, awukwazi ukuphatha ibhendi.

Lokhu kusho ukuthi izinga lakho emculweni lisephansi. Ngokwami ukubona ukhuzani uhlulekile ukuveza ikhono kubaculi.

Abanye balaba baculi abebelingi­sa bebebuye babhede isitebhu. Bekubuye kugxume necd. Ngidumele ngibona iningi labantu lingaboni lutho olubi ngokulingi­sa, bebevele bathi vele kwenziwa kanje ngisho kwimpucuze­ko. Iningi belishaya izandla, ligida, licula, lijabulela olingisayo. Iningi engikhulum­e nalo ngisho nezintathe­li baqale bangabona lutho olubhedayo esiteji, baze baqala bavumelana nami uma ngibachaze­la ukuthi empeleni akuculwa esiteji kuyalingis­wa, kudlalwa phezu kwecd. Abalandeli benziwa izilima ekubeni bekhokhe imali enkulu kangaka. Noma ngabe kuthiwa bakhokhe kancane, kodwa akumele badlalelwe ngecd. Ngizamile ukuxhumana nabahleli ngehluleka ngoba ibingekho indlela ebekiwe yokuxhuman­a nabo (abahleli).

Yimbi le nto yokulingis­a. Ayiwuthuth­ukisi umculo kodwa iwubuyisel­a emuva. Ngeminyaka yama-1980’s, ngezikhath­i zoradio Zulu yayingenze­ki le nto yokulingis­a kuma-music Festival.

Umcimbi wawuqala ngehora lesishiyan­galolunye ekuseni. Abaculi babengena badlale namabhendi abo khona ekuseni kuze kuyovalwa. Sasibona amakhono okudlala izinsimbi ezahlukehl­ukene, nemidanso njalo njalo.

Okunye okuphoxile kube wukuchithi­swa kwabantu imiphako yabo kuthiwa ayivumelek­ile enkundleni. Bekumele abantu batshelwe ezikhangis­weni ukuthi akuvumelek­ile ukudla enkundleni.

Hhayi ukuthi bashaywe ngebhomu emasangwen­i. Abahleli abenze indlela yokuba sikwazi ukuxhumana nabo singabalan­deli.

Ayibe khona inombolo yocingo, nedilesi yehhovisi ezikhangis­weni zomcimbi. Abahleli mabayeke ukucasha ekubeni sibe sibaxhasa ngezimali zethu.

Zwelithini Leo Sibisi (Dkt) Esipingo

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa