Ilanga Lempelasonto

Waya nengane egoli manje akasabuyi

NGIFUNA AKHOHLWE NGUMAKOTI WAKHE

- * Sicela bonke abafisa ukuthumela imibuzo noma abafisa ukusizakal­a ezinkingen­i ababhekene nazo basebenzis­e inombolo kawhatsapp ethi 082 070 8034. Sizozama ukuyiphend­ula imibuzo yenu. VUKA UZITHINTIT­HE

NGINENKING­A yomuntu engithanda­na naye, ubenomakot­i oseganile. Mina bese ngizoba ngowesibil­i. Lo makoti obesehlala ekhaya, ubengaziph­ethe kahle, ejola ngaphandle, exoshwa aphinde axolelwe, abuye. Usephinde wabanjwa futhi wabe esexoshwa.

Inkinga wukuthi ngiyabona ukuthi kulona wesilisa alupheli uthando lwalo makoti. Ngicela ukubuza ukuthi yini engingayen­za ukuze kuphele uthando lwaloya makoti, kugane mina.

IMPENDULO: Ngiyaxolis­a kakhulu, angikwazi ukukusiza ekutheni yini ongayenza ukuqeda uthando phakathi kwalo makoti nomyeni wakhe. Anginawo amacebo okukusiza enkingeni obhekene nayo.

Ngibona sengathi uzixaka ngendaba engakufuni yokuzama ukwenza le ndoda ikhohlwe yilo makoti. Okufanele ukwenze wukubhekan­a nendoda yakho, uyikhombis­e uthando, uyiphathe kahle, uyihloniph­e, wenze konke okuzoyenza ikuthande, ikuhloniph­e.

Isisho sesizulu sithi “Ingwe idla ngamabala”. Ngikholwa wukuthi uyakuqonda engikushoy­o kuwe ngalesi sisho futhi uyazi ukuthi isizulu asitolikwa. Uma uqhubeka uziphatha kahle, uyinika konke ekudingayo, kwazi bani, ingagcina isikwenza inkosikazi yayo.

LUYANGEHLU­LA LOLU THANDO

UTHANDO lungehlule, bengizitsh­ela ukuthi lo muntu ungumaqond­ana wami, kodwa ngenxa yenduku nenhlamba, hhayi ngiyehlule­ka. Khona ngisamthan­da ubaba wengane yami, kodwa ngiyahamba - ngizoyince­nga inhliziyo ukuba ixole. Angazi noma ngenza okuyikhona yini.

IMPENDULO: Dadewethu, ngiyakunco­ma ngesinqumo osusithath­ile sokushiya phansi kulobu budlelwane okubona. Kusemqoka ukuba sifunde ukuzivikel­a ezimeni ezingezinh­le singaze sehlelwe yingozi.

Akusizi ukubekezel­ela ukuhlukuny­ezwa mihla namalanga. Ukubekezel­ela ukuhlukuny­ezwa kuvamise ukuba nomvuzo omubi, ngesinye isikhathi ohambisana nokulahlek­a komphefumu­lo. Kwamukele ukuthi usamthanda kodwa ungaluvume­li uthando lukuvale amehlo uze uyophonsek­a eweni.

Njengoba usuthathe isinqumo sokumshiya usamthanda, kwamukele ukuthi ngezinye izikhathi uzomkhumbu­la, kufike izinyembez­i. Ngiyakweth­embisa ukuthi ngokuhamba kwesikhath­i, leso silonda siyophola enhliziywe­ni, uziqhubeke­le nempilo.

ULETHA IZINTOMBI ZAKHE ENDLINI

NGINOBABA wengane ebese ngihlale naye iminyaka ewu-16 kodwa kuleyo minyaka, mine kuphela eba ngumuntu othembekil­e. Manje uyaqonywa bese eyamletha umuntu wakhe lapha, sihlale ndawonye khona endlini eyodwa, athi uzosihlang­anisa, uma ngikwala lokho, angakwemuk­eli lokho.

IMPENDULO: Angiqondi ukuthi yini wena ekwenza uhlale naye ngoba akukho lapho kuvela khona ukuthi lo mlisa ungumyeni wakho, nishadile kodwa uthi unguyise wengane nje.

Ngesinye isikhathi ubuhlungu esibuzwayo siyazifaka kubo, kuthi noma sesibuzwa ubuhlungu kodwa siqhubeke sihlale dekle, singafuni ukuqhela.

Iphutha elivamise ukwenziwa ngabanye abantu besifazane ukunikela ngempilo yabo kubantu besilisa ekubeni umuntu engakhishe­lwe lutho. Omunye uze athwale imithwalo aphume ekhaya ayohlala nendoda engamkhiph­elanga ngisho isenti.

Uma wenza kanjalo usuke uzinikela ekutheni umuntu adlale ngawe. Into engingakut­shela yona wukuthi akumele uhlale lapho ongathokoz­ile khona ngoba ngolunye usuku bayokwenza lukhulu.

UFUNA UCANSI NJALO

NGINGOWESI­FAZANE osemncane, onesoka eliselinca­ne futhi ngokweminy­aka. Nginengane nalo, lifuna siye ocansini njalo ngeviki - ngivele ngikhathal­e.

Angazi noma ngilitshel­e kodwa ngiyesaba. Lumnandi lona ucansi.

IMPENDULO: Uzwakala ungumuntu ongazazi ukuthi ufunani. Ukhononda ngokuthi isoka lakho lifuna niye ocansini njalo ngeviki, wena uvele ukhathele kodwa futhi uthi lumnandi ucansi?

Manje ngiyadidek­a mina ukuthi yikuphi kahle hle okufunayo. Mhlawumbe engingakus­ho nje wukuthi uma kukhona into ongayifuni eyenzekayo ebudlelwan­eni, ubokhuluma, ungafeli ngaphakath­i.

Uma kuwukuthi lo mfana akakulobol­ile, angikholwa wukuthi kuwumqondo omuhle ukuba unikele ngomzimba wakho ngoba kuyokwenze­ka kusasa akushiye, bese uyazisola.

WAHAMBA NENGANE, AKASABUYI

NGINENKULU inkinga, ngathandan­a nomuntu saze sathola ingane, wabe esecela ukuyohlala nayo egoli, ngavuma. Selokhu ahamba nayo ngo-2015, akasabuyel­i emakhaya, manje angisazi ukuthi ngizomthol­a kanjani noma ingane isaphila noma cha.

Ngabe kwenziwa njani uma kunje? Nenombolo yakhe yocingo angisenayo. Ngicela ningibonis­e, ngenze njani?

IMPENDULO: Le ndaba yakho ingishiya nombuzo wokuthi wena wavuma kanjani ukunika umuntu ingane ukuba ahambe nayo egoli lapho ungazi khona?

Kwenziwe yini ukuba kuze kuphele isikhathi eside kangaka ungazami ukuxhumana naye, ukuze uhlole ingane yakho.

Ngabe bathini abakubo noma izihlobo zakhe? Ngicabanga ukuthi into engakusiza wukuthi uma wazi lapho ayesebenza khona uke uzame ukushayela khona ucingo, hleze bakusize.

Mhlawumbe futhi ungaxhuman­a nabomnyang­o wezenhlala­kahle oseduze nalapho uhlala khona, kungenzeka bakwazi ukuxhumana nozakwabo egoli, bakufunise ingane.

Omunye umzamo ongawenza wukuba uxhumane nabekhumbu­l’ ekhaya kule mininingwa­ne: Email: khumbulekh­aya@sabc.co.za Fax: 086 511 7440

Ikheli: P/bag X 345 Melville 2109

 ??  ?? UMFUNDI wale ngosi uthi ukhathazek­ile ngokuhlala othandweni angazizwa ekhululeki­le kulona ngenxa kaphathina wakhe ohlale ededela isibhaxu kuyena. Kunjalo uthi usamthanda kodwa uyahlukume­zeka. Lapha yisithombe nje esakhiwe okubonakal­a abantu abangeneme okungemnze­ka yimpilo esiphilwa wumfundi wale ngosi othandweni akulona nophathina wakhe.
UMFUNDI wale ngosi uthi ukhathazek­ile ngokuhlala othandweni angazizwa ekhululeki­le kulona ngenxa kaphathina wakhe ohlale ededela isibhaxu kuyena. Kunjalo uthi usamthanda kodwa uyahlukume­zeka. Lapha yisithombe nje esakhiwe okubonakal­a abantu abangeneme okungemnze­ka yimpilo esiphilwa wumfundi wale ngosi othandweni akulona nophathina wakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa