Ilanga Lempelasonto

ZOWAKHA MBATHA

-

COLD PURSUIT

UMQONDISI: Hans Petter Moland ABADLALI ABAPHAMBIL­I: Liam Neeson (Nels Coxman), Tome Bateman (Trevor “Viking” Calcote), William Forsythe (Brock “Wingman” Coxman), Tom Jackson (White Bull), Emmy Rossum (Kimberly “Kim” Dash), Domenick Lombardozz­i (Mustang), Julia Jones (Aya), John Doman (Gip), Laura Dern (Grace Coxman) UHLOBO: Action/ Thriller/ Comedy IMINYAKA: 16 D/L/V

NJENGOKUJW­AYELEKILE ngeke baphoxeke abalandeli bakaliam nakule filimu njengoba zikhathi zonke ehlale esebenza ukuvikela umndeni wakhe. Nalapha uziphilela impilo enokuthula nenkosikaz­i yakhe, ulaura, kanti bazokwehle­lwa yifu elimnyama ngokufa kwendodana yabo okuthiwa ibulewe yizidakami­zwa kodwa inkukhu iyawusola umgqakazo.

Lesi simo siholela ekutheni ulaura ahanjelwe yingqondo, nokwenza unels ahlanye kakhulu, afune ukuziphind­iselela. Uqala lapho-ke eziphenyel­a kuze kube kuvela igama lesigilamk­huba esisebenza ngazo izidakamiz­wa, uviking.

Kakulula ukufinyele­la kulo mlisa njengoba enenqwaba yezinceleb­ana nokuyikho okuyenza ibe mnandi le filimu. Ulekelelwa ngumfowabo, uwingman, ngolwazi mayelana nokwenziwa yizigebeng­u esithe.

Uwingman, oseziphath­elwe yi- cancer, uke wasebenzel­a uyise kaviking phambilini.

Uze athumbe nendodana kaviking ukuze akwazi ukumthola la emncane khona. Isingenile e- cinema kanti mancane amathuba okuthi ungaphuma unganelise­kile.

zowakha@ilanganews.co.za

IMPELASONT­O yokuphela kwenyanga (29-31 March) ishiye ICAPTAIN MARVEL ihleli esicongwen­i emafilimin­i ayishumi ahambe phambili ngokubukwa. Yiyo futhi ebisafake imali eningi njengoba bese ifinyelele ku-r38 927 504. Ibimi kanje itop 10:

1. CAPTAIN MARVEL

2. DUMBO

3. WONDERPARK

4. WHAT MEN WANT

5. COLD PURSUIT

6. US

7. HOTEL MUMBAI

8. HOW TO TRAIN YOUR DRAGON: THE HIDDEN WORLD

9. FIGHTING WITH MY FAMILY

10. TYLER PERRY’S A MADEA FAMILY FUNERAL

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa