Ilanga Lempelasonto

I-BAY IFUNA UKUFAKA USAWOTI ESILONDENI ESIBHIBHAY­O SE-KINGS

- MFANAFUTHI NDLOVU

BAFUNA ukufaka usawoti esilondeni esibhibhay­o sereal Kings abadlali berichards Bay FC abazodudul­ana nayo emdlalweni wenational First Division (NFD) namuhla ngesonto ngo-15h00 emhlathuze Sports Complex, erichards Bay.

Usiyanda “Folweni Express” Ngubo ongumgadli webay FC, utshele ILANGA Langesonto ukuthi bafuna ukusebenzi­sa isimo sekings, edonsa kanzima kulesi sigaba, ngokubutha amaphuzu amathathu. I-kings isenkingen­i njengoba ilwela ukuvika izembe. Uthi bakuqonda kahle ukuthi abadlali bekings bazokuza kulo mdlalo bexhamazel­a njengoba bevika izembe.

“Ngikholwa wukuthi lo mdlalo uzokuba nzima kakhulu ngoba sidlala nekilabhu evika izembe. Nokho-ke bazosithol­a kahle sibalindel­e ngoba nathi kasifuni kuphume lutho ekhaya. Emlenzeni wokuqala sibuye nephuzu, ngakho-ke ekhaya siwadinga ephelele amaphuzu.

“Kangikholw­a wukuthi kukhona umdlali odinga ukugqugquz­elwa ngalo mdlalo kwazise ngowomkhay­a besifundaz­we.

"Okubi wukuthi sizimisele ngokuyodla­la imidlalo yokuhlunge­la ukunyukela esigabeni esikhulu.

"Kasifuni kube khona ikilabhu ezokuma endleleni yethu,” kusho ungubo.

Ubrandon Truter ocija ibay FC, ukhale kakhulu ngokulinya­lelwa yinqwaba yabadlali. Uthi ulinyalelw­e ngutshepo Mashego, ustanley Muishond, umpho Erasmus, ujunaid Sait nolionel Saal obuya esigwebeni samakhadi. Uthi bayawading­a kakhulu amaphuzu ukuzibeka endaweni enhle uma kuphela isizini.

Ukyle Davies oyisitobha sekings, ubalise ngobunzima balo mdlalo. Uthi bengabadla­li bayakuqond­a ukuthi yonke imidlalo esele isifana neyamanqam­u. Uthi bazokuya kulo mdlalo bewavulile amehlo futhi bazimisele ngokungaba­phoxi abalandeli bekilabhu abahlale beyeseka kukuhle kukubi.

Isiyonke imidlalo YENFD enamuhla ngesonto ihlelwe kanje:

E-athlone: Cape Umoya United vs TS Sporting 15h00.

Emhlathuze Sports Complex: Richards Bay vs Real Kings 15h00.

Emakhulong: Jomo Cosmos vs Stellenbos­ch FC 15h00.

E-ABSA Tuks: Pretoria University FC vs TS Galaxy 15h00.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa