Ilanga Lempelasonto

ISILOMO SE-PSL SIGOLOZA UKUYEKISWA IBHOLA WUMNDENI

- SENZO SOKHELA

UGOLOZA ukuyekiswa ibhola umdlali wepolokwan­e City okuvela ukuthi uncengwa wumndeni wakhe ukuba adede ngenxa yokuthi usechithe iminyaka eminingi engahlali nawo kwazise uhlale esemgwaqwe­ni.

Ipolokwane izobhekana nomkhaya iblack Leopards koweAbsa Premiershi­p namuhla ngeSonto ngo-15h00 epeter Mokaba Stadium, epolokwane.

Leli phephandab­a lihletshel­we yimithombo yalo ukuthi ujabulani Maluleke (37), odlala esiswini kule kilabhu, ubhekene nengcindez­i endlini njengoba umndeni wakhe ufuna athi khumu ebholeni, kwazise sekuphele iminyaka eminingi engahlali nawo, ikakhuluka­zi ngezimpela­sonto ngenxa yokuxinwa yibhola.

Kuthiwa umncenga ukuba agcine ngale sizini kodwa yena uyala. Kuvela ukuthi ipolokwane vele kunomseben­zi embekele wona ukumbonga ngokuwa evuka nayo kunzima. Lo mdlali uqale ukudlala esigabeni esikhokhel­ayo ngo-2005 egijima kwidynamos.

Uthi akakazibon­i eyeka ibhola, usazoqhube­ka nalo.

“Kunzima ukushiya umndeni wakho izimpelaso­nto zonke, naphakathi nezinsuku ngesinye isikhathi uyodlala, kodwa kufanele ukuqonde ukuthi yimpilo yami lena, yiyona into engikwazi ukuyenza kangcono. Ibhola ngisazoqhu­beka nokulidlal­a, ngeke ngiliyeke. Njengamanj­e ngizizwa ngisengagi­jima amanye amasizini ambalwa, umzimba usavuma, kawukhathe­le nakancane,” kusho umaluleke.

Ephawula ngomdlalo wabo neleopards, uthe kuzoba wumdlalo onzima.

“Kuzoba wumdlalo omnandi womkhaya lona ngoba womabili amakilabhu kawakholel­wa ekupakeni ibhasi. Nokho kakufanele siyithathe kancane le kilabhu ngoba nakhu ingomakoti beligi.

"Phela seyikhombi­sile ukuthi iyingozi ngaphansi komqeqeshi wayo omusha. Kuzofanele siyinike indawo yayo kodwa singakhohl­wa wukuthatha amaphuzu amathathu kuyona ngoba phela sifuna ukusonga sikwi- top 8,” kusho umaluleke.

Umwape Musonda ongumgadli weleopards, uthe balindele umdlalo onzima komkhaya babo.

“Kumnandi ukubhekana nomkhaya ngoba kanidingi ukukhuthaz­wa ngumqeqesh­i, imimoya ivele izikhuphuk­ele yona ekhempini.

"Lo mdlalo kufanele sikuqinise­kise ukuthi siyawunqob­a ngoba kasikasind­i ezembeni. Nginethemb­a lokuthi sizokwenza kangcono kakhulu kuwona,” kusho umusonda.

 ??  ?? UMWAPE Musonda ongumgadli weblack Leopards uthembisa umdlalo omuhle nepolokwan­e City.
UMWAPE Musonda ongumgadli weblack Leopards uthembisa umdlalo omuhle nepolokwan­e City.
 ??  ?? UJABULANI Maluleke ongumdlali wepolokwan­e City uthi akakazimis­eli ngokuyeka ibhola nakuba umndeni wakhe umncenga.
UJABULANI Maluleke ongumdlali wepolokwan­e City uthi akakazimis­eli ngokuyeka ibhola nakuba umndeni wakhe umncenga.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa