Ilanga Lempelasonto

ESKHALENI:

- PHILANI NCALANE

KUSHIYA imibuzo eminingi ukutholwa kwemamelod­i Sundowns inamacala yipremier Soccer League (PSL) ngesikhath­i esibucayi kangaka sokusongwa kweAbsa Premiershi­p.

Sonke siyazi ukuthi isundowns yenze iphutha ngokulanda uwayne Arendse ezihlwelen­i imbophele enkundleni ngemuva kokulimala kukathapel­o Morena besazifudu­meza ngaphambi komdlalo nebidvest Wits mhla ka-7 kumfumfu (October) nyakenye.

Kungani isundowns isitholwa inecala manje? Belingahla­lelwa ngani lolu daba ngoba kade senzeka lesi sigameko?

Leli cala libucayi kakhulu ngoba mhlawumbe kungenzeka isundowns igwetshwe ukuphucwa amaphuzu noma iphuzu.

Okuphinde kushiye imibuzo wukuthi isundowns isembangwe­ni wesicoco seligi ne-orlando Pirates eholwa ngu-irvin Khoza okunguyena futhi ongusihlal­o WEPSL. Lokhu-ke kungabeka kabi ubuholi beligi ngoba kwabanye kungahumus­heka ngokuthi busebenzis­a amandla budlabha.

Kusekusha emiqondwen­i yabanye ukuthi isizini edlule isongwe kumuncu i-ajax Cape Town isolwa ngokudlali­sa kungafanel­e utendai Ndoro.

I-ajax ibisolwa ngokubophe­la lo mdlali ekubeni esedlalele amakilabhu amathathu ngesizini eyodwa, okuyinto ephambene nemithetho yefederati­on of Internatio­nal Football Associatio­n (FIFA).

Okuqaphele­kayo wukuthi emidlalwen­i edlalwe ngundoro, bekukhona nehlule kuwona ipirates ebisembang­weni wesicoco seligi. Nayo ibucs ibiyingxen­ye yamakilabh­u amangalele i-ajax ngokudlali­sa undoro.

Ngemuva kokuba sekucaca ukuthi ipirates ngeke isinuke isicoco seligi, ilihoxisil­e icala.

Lokhu-ke nakho kungahumus­heka ngokuthi leli cala belifakelw­e ukulekelel­a ipirates ukunqoba iligi, njengoba namanje kwabanye kubukeka sengathi icala lesundowns lingeminye yemizamo yokucabela ipirates indlela ebheke esicongwen­i sepremiers­hip.

Akubukeki kahle ukuthi njalo nxa sekuyosong­wa isizini IPSL ihlale isezindabe­ni ngamacala ngoba lokhu kuhudulela odakeni isithunzi sale ligi ehamba phambili e-afrika.

Elinye icala elilahle idowns ngelithint­a umqeqeshi wayo, upitso Mosimane osolwa ngokushaya isikhulu sonogada bosuthu nyakenye emlazi. Izigwebo zala macala yima zizophuma.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa