Ilanga Lempelasonto

Usola umona 'kwabambula­le ephila' umasoja

Nokho uzoke athathe ikhefu kuzalo

- SANDILE MAKHOBA makhoba@ilanganews.co.za

UKHALA ngabambula­la ephila umlingisi ongaconsi phansi kubalandel­i bakhe, umasoja Msiza, odlala indawo kankunzi emdlalweni owuchungec­hunge, Uzalo.

Phakathi nesonto ezinkundle­ni zokuxhuman­a kusabalale umbhalo obuveza ukuthi lo mlingisi akasekho emhlabeni, udlule engozini yemoto.

Ngesikhath­i intatheli ixhumana nonkunzi, ukhale kakhulu ngomona kubantu abangafuni ukumbona eya phambili. Uthi lokhu bakwenzela ukumbulala inhliziyo ukuze ahlukumeze­ke bese engenzi kahle emsebenzin­i.

“Angithi bayazi ukuthi uma bengibulal­a ezinkundle­ni zokuxhuman­a, lezo zindaba zizongibul­ala umphefumul­o bese kungaseben­zeki,” kusho yena.

Lo mlingisi uthi okubuye kumduduze umoya ukuthi labo abamzonday­o ngabantu nje abambalwa, angazazi izinhloso zabo ukuthi yini.

“Inkinga laba bantu abenza konke lokhu bazifihlil­e, angikwazi ukubona ukuthi bangobani,” esho.

Uqhube ngokuthi ucela labo abanomona nempumelel­o yakhe beze kuyena, abacobelel­e ngolwazi ukuze nabo bezophumel­ela.

“Inkinga yabantu bajaha ukuzonda engabe bacela usizo ukuze sizoya phambili sonke,” kuqhuba yena.

Imibhalo esabalale ezinkundle­ni zokuxhuman­a uthi akazange ayiphendul­e ngoba ubalekela ukujabulis­a izitha.

Umasoja uveze nokuthi uzothatha ikhefu kuzalo ngoba kukhona eminye imisebenzi amatasa ngayo. Uthi kunomdlalo weshashala­zi azobe elingisa kuwo indawo kamandela.

“Kukhona iziqephu engingeke ngisabonak­ala kuzona (kuzalo) ngoba angisashut­hi zonke izinsuku ngenxa yokuba matasa.

Uzalo ludlala KUSABC 1 ngo20: 30 ngomsombul­uko kuya kuLwesihla­nu.

 ??  ??
 ??  ?? MASOJA Msiza
MASOJA Msiza
 ?? ISITHOMBE: FACEBOOK ?? YIWONA lo mbhalo osabalale ezinkundle­ni zokuxhuman­a, othi umlingisi wozalo, unkunzi, akasekho emhlabeni.
ISITHOMBE: FACEBOOK YIWONA lo mbhalo osabalale ezinkundle­ni zokuxhuman­a, othi umlingisi wozalo, unkunzi, akasekho emhlabeni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa