Ilanga Lempelasonto

Ufuna ukuhlangan­isa izinhlanga ngomculo

NEZIQU ZE-HONOURS

- LUCKY CAIN

ININGIZIMU Afrika isesikhath­ini lapho kukhuthazw­a khona ubumbano ezinhlange­ni ezahlukene kanti kuyaziwa ukuthi umculo ngenye yezinto ezihlangan­isa abantu bamazinga ehlukene, futhi bezinhlang­a ezahlukene emhlabeni.

Abaziyo bathi lulodwa ulimi lomculo, ngisho umculi angacula ngolimi ongaluzwa kodwa uma ingoma imnandi, lokhu akusho lutho. Bambalwa eningizimu Afrika abaculi abakwazi ukungenisa ezinhlange­ni ezahlukene ngomculo wabo kanti uholly Wasserfall, owaziwa kakhulu ngoholly Rey, ungomunye walabo abakhombis­ile ukuthi umculo awukhethi bala, kodwa ngowabo bonke abantu.

Ukushaya kwakhe umculo othokozelw­a yibo bonke abantu kumakhele ugazi kubantu abaningi bazo zonke izinhlanga.

Ingoma yakhe esihloko sithi, “Deeper” ingenye yezingoma ezishukumi­se abantu ngesikhath­i samaholide kazibandle­la (December) kanti ibe sohlwini lwezingoma eziyishumi ebezibheki­we ukuba zihlukanis­e unyaka esikhondla­khondleni somsakazo Ukhozi FM.

Kungithath­e cishe amasonto amabili ukuthola ithuba lokuba nengxoxo ekhethekil­e nale ntokazi esanda kukhipha enye ingoma ethi “You”, nayo edlala kakhulu emsakazwen­i.

Ngomsombul­uko le ntokazi yethweswe iziqu ze

Honours

kwiculture And Media Studies njengoba ibifunda esikhungwe­ni semfundo ephakeme, i-university of Kwazulu Natal.

Ngesikhath­i ngihlangan­a nale ntokazi ingamukele ngokukhulu ukumoyizel­a, kwaba sengathi kade saqala ukwazana. Ayipholisa­nga maseko ichaza ngentokozo yokuthola ithuba lokuba semahhovis­i aleli phephandab­a kwazise ezifundwen­i zayo yenze ucwaningo ngempumele­lo yamaphepha­ndaba abhala ngesizulu.

“ILANGA ngelinye lamaphepha­ndaba engicwanin­ge ngalo nangempume­lelo yalo esikhathin­i esinzima esibhekene namaphepha­ndaba. Kuyangijab­ulisa ukuthi ngizoke ngibhalwe yileli phephandab­a elinomland­o onzulu futhi elibalulek­ile kubantu abazigqaja ngolimi lwesizulu,” kusho lo mculi, engeza ngokuthi uyafisa ngilubone ucwaningo lwakhe olumenze wathola lezi ziqu.

Uholly uthi unyaka owedlule kube wunyaka abematasa kakhulu ngawo njengoba ebehlangan­isa izifundo kanti nengoma yakhe igile izimanga, idlalwa ubuthaphut­haphu emisakazwe­ni nakumabona­kude, waphinde wathola nokuqashwa ezindaweni ezahlukene.

“Ngemuva kokuchitha iminyaka eyishumi kulo mkhakha ngingasho ukuthi lena yingoma enkulu kwesengike ngazenza kanti okuhle wukuthi kuyona ngisebenze nomuntu ongazi kangcono, umondli Ngcobo, onekhono eliyisiman­ga,” kulanda yena. Uthi le ngoma ayigcinang­a ngokwenza kahle eningizimu Afrika, kodwa nakwamanye amazwe angomakhel­wane njengoba ethole nokumenywa ebotswana,

Zimbabwe, Angola nakwezinye izindawo.

“Ngiyafisa ukuba umculo wami uqhubeke usabalale umhlaba wonke njengoba ngisezinhl­elweni zokuya elondon nasescotla­nd,” esho.

UMCULO AKUMELE UKHETHE IBALA

U-HOLLY uzichaza njengentok­azi ephila ngomculo njengoba eqale ukucula eneminyaka engu-14 ubudala kanti ngesikhath­i esaqala ubecula i- afro pop kodwa manje usegxile kowe- house. Uthi kuyamjabul­isa ukuthi umculo wakhe uyakwazi ukuhlangan­isa izinhlanga ezahlukene nokuyinto esenhliziy­weni yakhe, ukubumba izizwe.

“Umculo akumele ukhethe ibala, inqobo nje uma umnandi futhi ulaleleka, asikho isidingo sokuthi ngoba ngimhlophe ngiculele abamhlophe kuphela. Umculo yiwona owenza sihlangane sakhe iningizimu Afrika ebumbene. Angiziboni ngihlala kwelinye izwe ngaphandle kwaleli ngoba ngiyazifel­a ngalo namasiko ahlukene esinawo,” kusho uholly othi isizulu sakhe besiza kahle kodwa manje sisaphazam­isekile njengoba esemningi egoli lapho ehlala kakhulu nabantu abakhuluma isetswana.

“Ngiyafisa ukwazi ukukhuluma inqwaba yezilimi zakuleli futhi ngibe nengoma enezinhlam­vu zesizulu noma ezinye izilimi,” kusho le ntokazi ekhuluma ngezwi elipholile futhi ekhonze ukumamathe­ka.

Uholly uthi uma engekho matasa ukhonze kakhulu ukuzihlale­la nomndeni wakhe kanti uyazifela ngonina ongumlande­li wakhe wokuqina.

“Umama wami uyikho konke kimina, ungeseke kakhulu ngesikhath­i ngisaqala emculweni, wangicathu­lisa njengoba esaqhubeka nokweseka umculo wami,” echaza.

Uzishaya isifuba ngokwazi ukupheka kanti uthi ngolwesine ubepheke isitambu nobhontshi­si. Nakuba enga

gxilile kwezemidla­lo kodwa uma ethola isikhathi uzibukela ikhilikith­i nebhola likanobhut­shuzwayo. Uthi kumabonaku­de ukhonze umdlalo, i-american Gods. Unesifiso sokusebenz­a nabaculi okubalwa kubo uzanda Zakuza, Sho Madjozi nosimi kanti phesheya kwezilwand­le uzifela ngopharrel­l

Williams.

 ??  ??
 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? UHOLLY (Wasserfall) Rey uthi umculo akufanele ukhethe ibala kodwa kufanele uthokozelw­e yibo bonke abantu.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E UHOLLY (Wasserfall) Rey uthi umculo akufanele ukhethe ibala kodwa kufanele uthokozelw­e yibo bonke abantu.
 ??  ?? NGOMSOMBUL­UKO uholly uthweswe iziqu zehonours kwiculture And Media Studies, e-university of Kwazulu-natal.
NGOMSOMBUL­UKO uholly uthweswe iziqu zehonours kwiculture And Media Studies, e-university of Kwazulu-natal.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa