Ilanga Lempelasonto

IDowns ithele ngehlazo iziqhwaga zase-Egypt

Izitha zigcine sezixabana nonondweba, ibhokile induku

- NHLANHLA HUDLA

IZIBEKE ethubeni elihle lokudlulel­a kuma- semi-final ecaf Champions League imamelodi Sundowns idedela ulabhabha wempama kwi-al Ahly yase-egypt eyidabule ngo-5-0 ovuthayo emlenzeni wokuqala wequarter final izolo ngomgqibel­o ntambama elucas Moripe Stadium, e-atteridgev­ille.

Umlenze wesibili uzokuba ngomgqibel­o esiya kuwona mhla ka-13 kwephezulu ekuhambeni. Amagoli esundowns aqotshelwe enethini nguthemba Zwane ngomzuzu ka-14, uwayne Arendse ngoka-24, yiphenathi karicardo Nascimento ngoka-47, ugaston Sirino ngoka-62 nophakaman­i Mahlambi ngoka-83.

I-ahly izamile ukufaka ingcindezi kwisundown­s kodwa kwasho khona ukuthi bezingafun­e lutho ezikapitso “Jingles” Mosimane (ongumqeqes­hi) emuva.

Indlela udonga lwesundown­s obeluqine ngakhona, bekubonaka­la ukuthi ngisho kungange

zwa eminye imizuzu, izivakashi ngeke zithole lutho. Empeleni ezikamosim­ane bekumele zinqobe ngembudlu yamagoli, kodwa zabulawa wukushweba amathuba kukahlomph­o Kekana ongukapute­ni nosirino ngesiwombe sokuqala.

Nokho iphenathi ebekwe enethini ngunascime­nto isuse umsindo, abadlali be-ahly bekhala ngokuthi babanjwa inkunzi ngunondweb­a, bethi unozinti wabo akazange amthinte ulebohang Maboe.

Cishe ukufika ngobuningi kwabalande­li besundowns yikhona okufake le kilabhu omkhulu umfutho kwazise idlale ingcwenga yebhola ebashiye (abalandeli) bengawuval­i umlomo.

Ukubuya kukasibusi­so Vilakazi ekulimalen­i, kufane nesibusiso kumosimane.

Nokho ukungangen­elwa yigoli kwedowns kuqinisa amathemba okudlulela kuma- semi final kumasandaw­ana.

 ??  ??
 ??  ?? ULEBOHANG Maboe wemamelodi Sundowns ebhekene nomohamed Hany we-al Ahly ehlulwe ngo-5-0 kowecaf Champions League izolo ngomgqibel­o elucas Moripe Stadium, epretoria.
ULEBOHANG Maboe wemamelodi Sundowns ebhekene nomohamed Hany we-al Ahly ehlulwe ngo-5-0 kowecaf Champions League izolo ngomgqibel­o elucas Moripe Stadium, epretoria.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa