Ilanga Lempelasonto

Kuyolamula inkantolo kolwe-eff nomanuel

- ZOWAKHA MBATHA

ITHI kakudikizi nqulu I-EFF ngesinqumo sowayengun­gqongqoshe wezemali kuleli, umnu Trevor Manuel, sokubafaka enkantolo ngezinsolo abaziveze ngaye enyangeni efile kandasa (March).

I-EFF ibimsola ngokugxamb­ukela “nangetiye” ekuqashwen­i kukaEdward Kieswetter njengokhom­ishana omusha wesouth African Revenue Services (SARS).

I-EFF ithe lo khomishana "uyisihlobo" sikamnu Manuel futhi bano-buhlobo nangezamab­hizinisi.

Umnu Manuel usola le nhlangano ngokucwasa ngobuhlang­a nokumhlamb­alaza.

Ngeshwa umnu Manuel ubeyingxen­ye yethimba ebeliqoka ukhomishan­a benongqong­qoshe wezemali utito Mboweni, njengoba sebemnamat­helisa ngalokhu kwenzelela. Uthe mabalethe ubufakazi ngakho.

Umnu Manuel uqale ngokuba

nxusa laba ukuba bahoxise abebekusho ukuze angababoph­i.

Kabazange bakwenze lokho njengoba kuthiwa usefake isimangalo enkantolo ngokombiko wefin24.

Ngokwalo mbiko, umnu Manuel wenqabile ukuphawula. I-EFF ibhalele nomengamel­i wezwe ucyril Ramaphosa nomnu Mboweni, ibuza ukuthi kungani kungenziwa esidlangal­aleni ukuqokwa kukakhomis­hana ESARS.

Okhulumela I-EFF, udkt Mbuyiseni Ndlozi utshele ifin24 ukuthi kakubethus­i okwenziwa ngumnu Manuel, kabahlehli.

“Simlindele, abameli bethu baphezu kwalo lolu daba. Ngeke lesi siqhwaga siphumelel­e ukusivala umlomo, ikakhuluka­zi uma kukhulunyw­a ngezikhung­o zomphakath­i okumele sizisukume­le,” kusho udkt Ndlozi.

Uthi nabo bazofaka awabo amaphepha enkantolo uma sebekulung­ele, benxusa umnu Manuel ukuba aphendule imibuzo abebemthum­elele yona phambilini.

“Azama ukukwenza la wukushints­ha into ebalulekil­e esiyibuzay­o ukuthi kungani ukuqokwa kukakhomis­hana kwenziwa esithe,” kwengeza udkt Ndlozi.

zowakha@ilanganews.co.za

 ??  ?? UMNU Trevor Manuel ofake enkantolo I-EFF emsola ngokwenzel­ela ekuqashwen­i kukakhomis­hana omusha wakwasars.
UMNU Trevor Manuel ofake enkantolo I-EFF emsola ngokwenzel­ela ekuqashwen­i kukakhomis­hana omusha wakwasars.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa