NISALIVOTELELANI IQEMBU ELINGAZIFEZI IZIDINGO ZENU? - SHENGE
UMHOLI WE-IFP, inkosi Mangosuthu Buthelezi, ukhumbuze umphakathi ukuthi kakuwakhi umqondo ukukhononda nokutelekela ukuthi uhulumeni uhlulwa wukuhlinzeka izidingo, kodwa wona uqhubeke nokuvotela inhlangano esezintanjeni zombuso.
Umntwana wakwaphindangene ubekhuluma nomphakathi obuhambele umbuthano wokugaya ivoti WE-IFP izolo ngomgqibelo epolokwane Civic Centre, elimpopo. Ushenge utshele abantu ukuthi uma befuna ukuhlinzekwa ngezidingo, kumele bavotele I-IFP okhethweni lukazwelonke oluzokuba mhla ka-8 kunhlaba (May) nonyaka.
“Kakuyona into enhle ukuthi nxa umuntu evula umsakazo noma
efunda amaphephandaba, alokhu ezwa ngenkohlakalo egubuzele izwe lethu. Kuya ngokuya iningizimu Afrika iba senkingeni ngenxa yokwenyuka kwezinto, ubugebengu, ukuswelakala kwamathuba emisebenzi nokufadabala komnotho, konke okwenzeka kuhulumeni ovotelwe ngabantu bakithi,” kusho inkosi Buthelezi.
Umntwana uthi isiko lenkohlakalo eqhutshwa udede kuleli, ligadla kuzwele kwizakhamizi ngoba kumele ngabe imali itshalwa ekuhlinzekeni umphakathi ngezidingo.
“Obengungqongqoshe wezemali ezimbabwe umnu Tendai Biti, usanda kuthi izimbabwe ilwe kanzima ukulwa nokuqhwagwa kombuso yidlanzana, kodwa iningizimu Afrika ikwamukele lokhu. Uma sikhuluma ngenkohlakalo kuhulumeni siyaye sibuke izimbabwe, isomalia noma isudan, bese siyakhohlwa wukuthi nathi sibhukuda echibini layo.
“Azokube engu-48 amaqembu adinga ukuvotelwa ngokhetho. Kumqoka ukuba kuwona nikhethe I-IFP ngoba kayikaze ilandelwe yiphunga lenkohlakalo lapho iphethe khona. Isiqubulo sethu sokhetho sithi ‘sethembe ngoba I-IFP iholwa ngabantu abaqotho’,” kusho ushenge.