Ilanga Lempelasonto

UCELESTE 'UNETHEMBA LOKUZITHOL­ELA INDODA'

- PERCY MLABA

UFISA ukuthola umaqondana e-united States of America (USA), usomahlaya wakuleli obuye abe ngumlingis­i, njengoba enyelwe yinyoni esandleni ukuyonandi­sa emcimbini odumile, i-essence Festival, ezokuba ngontulika­zi (July), enew Orleans & Louisiana, E-USA.

Uceleste Ntuli, odabuka empangeni, kodwa osezinze egoli ngenxa yokukhula komsebenzi, uzonandisa E-USA izinsuku ezintathu kusukela ngomhla ka-4 kuya ku-7 kuntulikaz­i.

Ekhuluma ohlelweni lukadj Fresh kwimetro FM ngolwesine ekuseni, uceleste uzwakalise ukujabula ngokumenyw­a kulo mcimbi obalwa nemikhulu kwelikaDon­ald Trump.

Uthe mhlawumbe uma esenandisa laphaya, uzoba nenhlanhla yokuthola umaqondana, kwazise usezame wehluleka lapha ekhaya, osekwenza ajwayele ukuzibiza ngomjendev­u uma enza amahlaya.

“Ngishoshel­a ekuhlangan­iseni iminyaka engu-40 ubudala, kodwa namanje indoda kanginayo, nginjalo nje anginayo nengane.

"Sengizame kaningi lapha kakulungi. Ngisho nasefrance lapho engangivak­ashele khona udadewethu, ngagcina ngokuthola i-french Kiss, kodwa kangiwutho­langa usayizi wami,” kusho le ntokazi ehlale iqhulula amahlaya njalo uma ivula umlomo. Uthe hleze lolu hambo uluhlangan­iselwe nguyise ongasekho emhlabeni.

“Le festival izobe igubha iminyaka ewu-25 yasungulwa, kanti phakathi kwabaculi abadumile abamenyiwe kunefranki­e Beverly and Maze, okuyiqembu lomculo ubaba wami engakhula elidlala kakhulu. "Mhlawumbe nguyena ongivulele le nhlanhla, wathi mntanami hamba uyonandisa nabaculi engibathan­dayo,” kusho uceleste. Ngaphandle kwemaze, kuboshelwe abaculi abafana nomissy Elliot, umary J Blige, UMC Lyte, ujermaine Dupri, upharrel Williams, umusiq Soulchild, uteddy Riley, utimbaland nabanye. Uceleste akayedwa ovela kuleli oyiciko ozobe ephephezel­isa ifulegi lakuleli njengoba kulandwe no-amanda Black nonasty C abangabacu­li abangacons­i phansi kwabaningi ngenxa yamakhono abo. Emdlalweni isibaya uceleste ulingisa indawo yenkosikaz­i yokuqala kampiyakhe Zungu, usiphokazi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa