Ukhala ngokucwaswa ngokobuzwe
Usolwa ngokuxhaphaza intsha embonini yezokulingisa
USOLA ukuthi kunabafuna ukumphuca umsebenzi ngoba engadabuki kuleli ubekezela Dube webecky Casting Agency, ethumela abalingisi abengeziwe ( extras) emidlalweni kamabonakude namafilimu.
Lokhu kulandela udaba esibike ngalo ngesonto eledlule, ngomunye walaba balingisi, usimthande Myeza, esola osebenzela le nkampani ethekwini ngokumhlukumeza ngokocansi. Ubekezela odabuka ezimbabwe, uthi uyazi ukuthi kunowesifazane (untombi Lushaba) osemkhankasweni wokumqumba phansi. Ubekezela usola untombi ngokuphendukelwa yinhliziyo emuva kokuba zingahambanga kahle izinto phakathi kwabo ngokomsebenzi.
“Yini isiqubuka manje le ndaba ngesikhathi kunokungezwani phakathi kwabakuleli nabamazwe angaphandle? Untombi uzamile ukungiphazamisa kodwa kwamcacela ukuthi ngeke aphumelele ngoba akukho obekuphambene nomthetho ebengikwenza njengoba esesebenzisa lezi zingane.
“Kunenqwaba yentsha engiyilekelelayo nasethekwini kodwa ngiyabona isono sami wukuba ngowasezimbabwe,” kusho ubekezela odume ngelikabecky kule mboni.
Nguye untombi obebalulwe nguSimthande ngeledlule kepha saligodla igama lakhe njengoba ebegcine engatholakalanga.
Eziphendulela untombi, uthi kungamampunge konke lokhu, yena abekwenza wukuvikela izingane zaKwazulu-natal njengoba eseneminyaka esembonini yezobuciko. Uyilungu leqembu i-afrika Mamas eselihambele inqwaba yamazwe linandisa ngamaphimbo kuphela ( acapella).
“Ngimbhalele incwadi emuva kokubhuntsha kokuqoshwa kwefilimu abethi kuzokwenzeka egoli, akakaze abuye angikhulumise. Ngaqala ukuba nenkinga naye uma ethi izingane mazizigibelele amabhasi zingaphelezelwa ngabadala ukuya egoli.
“Ngaze ngathi ekadadewethu izohlala kwami ngoba ngisegoli, wenqaba. Ngikhuluma ngezingane ezineminyaka ephakathi kuka-10-15.
“Ngibuye ngambuza nangemali azikhokhisa yona, nokuthi zizohola malini njengoba bese kumele zizisukele ethekwini kungenazinkontileka.
“Kunabazali abebeboleke
imali bezamela izingane nabacele ukuba ngelekelele ngoba nginolwazi. Izingane zigcina zidayiswa. Nasegoli kabasamfuni njengoba esengenise ethekwini. Ubeqhosha nangokuthi useyivulile i- agency nasophongolo naseswaziland.
“Yinto enjani ukuthi angabhalisa izinkulungwane zezingane ngokuzithembisa ukuthi zonke uzozifaka emdlalweni imbewu? Nginenqwaba yemiyalezo lezi zingane zinginxusa ukuba ngizisize,” usho kanje. ILANGA Langesonto liwezwile amavoice note athunyelwe ngabazwakala bengamantombazana bebonga abanye bekhala ngokwenzeka kule mboni. Liyibonile nencwadi athi wamthumelela yona ngokunjalo nathi uyithumelele isikhulu sikamasipala wetheku esiphethe kwezobuciko (esigcine singatholakalanga ukuphawula) okuyikho okwenze lwasukunyelwa lolu daba. Uthi uzoqhubeka azilekelele.
Yini isiqubuka manje le ndaba ngesikhathi kunokungezwani phakathi kwabakuleli nabamazwe angaphandle? Untombi uzamile ukungiphazamisa kodwa kwamcacela ukuthi ngeke aphumelele...