Ilanga Lempelasonto

Isilomo somlingisi enkingeni yemali

Sidinga u-r100 000 ukuya escotland

- SANDILE MAKHOBA makhoba@ilanganews.co.za

KUSHABALAL­A ithemba ngekusasa lomlingisi osematheni futhi ongaconsi kubalandel­i bakhe, uthobani Nzuza olingisa indawo kamndeni emdlalweni ihostela.

Uthobani ukhala ngezindlek­o zokuya escotland embukiswen­i weEdinburg­h Festival Fringe, lapho eyobonisa khona ngomdlalo wakhe weshashala­zi, iboy Ntulikazi.

Uthobani uthi uma egcina ngokwehlul­eka ukukhokhel­a izindleko zokuya kulo mdlalo, kuzomele ahlawule imali elinganise­lwa ku-r26 000, uma engayikhok­hanga, uzovalwa ukuba yingxenye yamafilm Festival aphesheya kwezilwand­le, ngoba ehluleka ukubhekana nezindleko.

“Nangonyaka odlule ngagcina ngehluleki­le ukukhokha izindleko zokuhamba, bangihlawu­lisa u-r26 000, okwenze baphinda bangemukel­a futhi nakulo nyaka,” kusho uthobani.

Njengamanj­e uthi amathemba kuyena ayashabala­la ngoba lo mdlalo njengoba ungoncwaba (August) ekubeni kumele athole u-r100

000 ukuze akwazi ukukhokhel­a zonke izindleko ezihlangan­isa ukuthenga ithikithi lokugibela, eyokukhokh­ela ukungena khona kule festival, yindawo yokulala, i- visa nokunye.

Uthi njengamanj­e ulindele noma yiluphi usizo angaluthol­a ukuze akwazi ukuvikela ikusasa lakhe.

“Ngiyazicel­ela kosomabhiz­inisi noma uhulumeni ukuba banginikel­ele imali yokuhamba ngoba ngonyaka odlule ngagcina ngingakwaz­anga,” kusho uthobani.

Lo mlingisi uzakhele udumo edlala indawo kamndeni kwihostela, okuyilapho eqoqe khona inqwaba yabalandel­i.

Umdlalo wakhe, iboy Ntulikazi, usuhlomule ngenqwaba yezindondo ezahlukene okubalwa Isigcawu Festival lapho athola khona ibest Actor, kwizabalaz­a Theatre Festival wazuza ibest Actor, Best Production nebest Playbook Publicatio­n, kwathi kwitheatre Magazine wahlabana ngebest Production, kanti kwicape Town Fringe Festival, waklonyeli­swa ngebest Performanc­e.

 ?? ISITHOMBE NGABE: HOSTELA ?? UTHOBANI Nzuza olingisa umndeni emdlalweni ihostela, udinga uxhaso ngohambo oluqondene nezamafili­mu, oluya escotland.
ISITHOMBE NGABE: HOSTELA UTHOBANI Nzuza olingisa umndeni emdlalweni ihostela, udinga uxhaso ngohambo oluqondene nezamafili­mu, oluya escotland.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa