Ilanga Lempelasonto

Usenqume ukuyeka utshwala umsakazi

Waxoshwa kwigagasi FM nakwivuma FM

- THANDI ZONDI

USHIYA amankwebev­u umsakazi onohlonze obehaqwe yizinkinga ezenze wagcina esekhonjwa indlela kwivuma FM. Uvictor Rose Junior utshele ILANGA Langesonto ukuthi uhlale phansi, wabona ukuthi iningi lezinkinga zakhe zidalwa wutshwala. Lo msakazi usanda kuxoshwa kwivuma FM emuva kokuba engene e- studio nabangani bakhe ababephuza utshwala. Wayebizwe ngosuku lwakhe lokuphumul­a ukuba azovala isikhala somsakazi owayengekh­o emoyeni. Uthi wafonelwa ngumphathi wakhe ukuba aphuthume emoyeni ngoba uhlala eduzane, wakucacisa futhi ukuthi lapho ekhona, uyaphuza yize wayengadak­iwe. “Ngibonile ukuthi izinkinga eziningi empilweni yami zidalwa wutshwala. Kuningi osekwenzek­ile, ukudlelwa imizi, ukulimala kwesithunz­i sami emphakathi­ni nakwezebhi­zinisi.

"Kwesinye isikhathi bengike ngiye kodijeya, uthole ukuthi kangisakhu­mbuli nokuthi ngike ngadlala yini,” kuchaza yena.

Uthi unendodaka­zi efisa ukungena emkhakheni wezokusaka­za, kuthe uma bexoxa nayo wayigqugqu­zela ukuba ingangeni kulo mkhakha.

Uthi kuthe uma ebuzwa ukuthi yini emenza akhulume kanjena, wabona ukuthi ukuba semsakazwe­ni kakunankin­ga, kepha nguyena uqobo obenza izinqumo ezingezinh­le ngenxa yotshwala.

Uthi njengoba engasekho kwezokusak­aza, uzogxila ebhizinisi­ni asanda kulivula, eligxile kwezikaqed­isizungu.

“Ngibonile ukuthi kayikho inqubekela phambili ezoba khona uma ngisaphuza utshwala.

"Ngisho ngabe kuqhamuka ithuba eliyingqay­izivele manje lokusakaza, ngeke ngilithath­e okwamanje ngoba ngisalwa nokusizaka­la (ukuyeka utshwala).

"Ngabe sengikude kabi manje kodwa ngenxa yotshwala, akukho okuya phambili obekwenzek­a.

"Izinqumo namaphutha engiwenzil­e, utshwala bube nomthelela omkhulu kukho. Ngithola nosizo lwama- profession­al eceleni,” kusho uvictor.

Phambilini uke wasebenzel­a igagasi FM ahlukana nalo ngenxa yokuziphat­ha budlabha njengoba ayebuye angalubhad­i emsebenzin­i. Uthi okwamanje usagxile ekubeni azisize yena uqobo, anakekele umndeni wakhe nendodakzi yakhe ezoqala enyuvesi ngonyaka ozayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa