Usenqume ukuyeka utshwala umsakazi
Waxoshwa kwigagasi FM nakwivuma FM
USHIYA amankwebevu umsakazi onohlonze obehaqwe yizinkinga ezenze wagcina esekhonjwa indlela kwivuma FM. Uvictor Rose Junior utshele ILANGA Langesonto ukuthi uhlale phansi, wabona ukuthi iningi lezinkinga zakhe zidalwa wutshwala. Lo msakazi usanda kuxoshwa kwivuma FM emuva kokuba engene e- studio nabangani bakhe ababephuza utshwala. Wayebizwe ngosuku lwakhe lokuphumula ukuba azovala isikhala somsakazi owayengekho emoyeni. Uthi wafonelwa ngumphathi wakhe ukuba aphuthume emoyeni ngoba uhlala eduzane, wakucacisa futhi ukuthi lapho ekhona, uyaphuza yize wayengadakiwe. “Ngibonile ukuthi izinkinga eziningi empilweni yami zidalwa wutshwala. Kuningi osekwenzekile, ukudlelwa imizi, ukulimala kwesithunzi sami emphakathini nakwezebhizinisi.
"Kwesinye isikhathi bengike ngiye kodijeya, uthole ukuthi kangisakhumbuli nokuthi ngike ngadlala yini,” kuchaza yena.
Uthi unendodakazi efisa ukungena emkhakheni wezokusakaza, kuthe uma bexoxa nayo wayigqugquzela ukuba ingangeni kulo mkhakha.
Uthi kuthe uma ebuzwa ukuthi yini emenza akhulume kanjena, wabona ukuthi ukuba semsakazweni kakunankinga, kepha nguyena uqobo obenza izinqumo ezingezinhle ngenxa yotshwala.
Uthi njengoba engasekho kwezokusakaza, uzogxila ebhizinisini asanda kulivula, eligxile kwezikaqedisizungu.
“Ngibonile ukuthi kayikho inqubekela phambili ezoba khona uma ngisaphuza utshwala.
"Ngisho ngabe kuqhamuka ithuba eliyingqayizivele manje lokusakaza, ngeke ngilithathe okwamanje ngoba ngisalwa nokusizakala (ukuyeka utshwala).
"Ngabe sengikude kabi manje kodwa ngenxa yotshwala, akukho okuya phambili obekwenzeka.
"Izinqumo namaphutha engiwenzile, utshwala bube nomthelela omkhulu kukho. Ngithola nosizo lwama- professional eceleni,” kusho uvictor.
Phambilini uke wasebenzela igagasi FM ahlukana nalo ngenxa yokuziphatha budlabha njengoba ayebuye angalubhadi emsebenzini. Uthi okwamanje usagxile ekubeni azisize yena uqobo, anakekele umndeni wakhe nendodakzi yakhe ezoqala enyuvesi ngonyaka ozayo.