Ilanga Lempelasonto

SEKUSUKE OMKHULU UMSINDO NGAMA-GQOM AWARDS

- SANDILE MAKHOBA

SEKUSUKE omkhulu umsindo ngomcimbi wamagqom Awards, ozokwenzek­a okokuqala ngqa kulo nyaka njengoba uhlelelwe ukuba ngomgqibel­o ebusuku E-ICC, ethekwini.

Umnikazi wendawo kashisanya­ma, imashampul­ane’s Shisanyama, umnu Bonga Shange ( osesithomb­eni), odume ngomy Man, ukhala ezimathons­i ngalo mcimbi. Uthi uvalela ngaphandle izindawo zasemaloki­shini okuyizona ezidlala kakhulu umculo we' gqom'.

Umnu Shange utshele ILANGA Langesonto ukuthi kuyamhluku­meza ukuzwa ukuthi abahleli balo mcimbi kabanazo izinhlelo zokuya kubona njengabani­kazi bezindawo ezeseka kakhulu lo mculo, ngokuwudla­lela izihambeli zabo.

Ugcizelela ukuthi yizindawo zabo ezikhulisa lolu hlobo lomculo, kodwa uma usuthola izicoco, bona bashiywa ngaphandle.

“Kangikhulu­meli indawo yami nje kuphela, kodwa zonke lezi zindawo ezisemalok­ishini. Phela yizona ezikwazi ukukhulisa abadidiyel­i nodj abadlala lo mculo bengakaziw­a. Thina kasidingi ukuba uze ube negama ukuze udlale ezindaweni zethu, kodwa uma sikubona ukuthi unekhono siyakunika ithuba uzithuthuk­ise. Yingakho ngikhala kangaka nje uma sebesikhoh­lwa, kodwa bebe bekhuliswe yithina,” kusho umnu Shange.

Ubebhodla umlilo ngesikhath­i ekhuluma nentatheli. Uthe okunye okumephula umoya, wukuthi ngesonto eledlule kwenziwe umcimbi wokumaketh­a amaGqom Awards endaweni yabelungu, imcdonald B&B, ethekwini.

“Leya ndawo kayiwudlal­i ngisho umculo, yindawo yokulala nje, kodwa bashiye thina bakhetha ukuyokwenz­a umcimbi endaweni yokulala,” ebalisa.

Uveze nokuthi uzwe kuthiwa kunomkhakh­a webest Gqom Venue, konke lokho athe kuyabahluk­umeza.

Umnu Thabo Ramokoena, ongomunye wabahleli balo mcimbi, uyihlabe wayihlikiz­a inkulumo kashange, wathi kumele bafunde ukulinda.

“Abantu kumele bakuqonde ukuthi emicimbini efana nalena, kuyenzeka kube khona abahlonish­wayo ngegalelo labo, ngaphandle kokuqokwa ukuba bancintisa­ne nabanye abantu.

"Mhlawumbe ushange ukhuluma kanjena nje, kune- email esendlelen­i,” kusho umnu Ramokoena. Uphinde wathi kusengokok­uqala kwenzeka umcimbi, ngakho-ke imibono esuka emphakathi­ni izobasiza kakhulu ukuwukhuli­sa ngonyaka ozayo.

Uthe umkhakha we-best Gqom Venue kabanawo, wathi kodwa ngoba sekuyakhul­unywa ngawo, bazobona noma bayawufaka yini ngonyaka ozayo.

Umnu Ramokoena uthi izicelo zokungenel­a zaziwu-556, okutshengi­sa isasasa lalo mcimbi. Kulo mcimbi kulindelek­e ukuba kushe igqom kusuka uqala kuze kuba uyaphela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa