Ilanga Lempelasonto

Umdali nemfihlaka­lo kwabesifaz­ane

Umbhishobh­i wamasheshi ukhumbuze eyokufika kwensindis­o, ngojesu owathwalwa ngumariya

- TSEPO MOLEFE

KUCELWE amakristu ukuba angaphoqi izimangali­so kunkulunku­lu ngoba vele abantu bakhe uyabenzela zona njengoba ebavusa njalo ekuseni inyama isahlangen­e nomphefumu­lo.

Kuthiwe lokho kukodwa, kuwumusa, ngakho kumele adunyiswe njalo unkulunkul­u. Lokhu kushiwo ngumbhisho­bhi Tsietsi Seleoane wamasheshi, edayosisi yasenatal, obeshumaye­la muva nje enkonzweni yelady Day ngaphansi kwenhlanga­no yawonina eyaziwa ngelemothe­rs’ Union kuleli

bandla.

Le nkonzo yelady Day bekungeyem­others’ Union (MU) yasemidlan­ds Region. Beyenzelwe ekomkhulu lamasheshi, edayosisi yasenatal, icathedral of the Holy Nativity edolobheni emgungundl­ovu. Ngale nkonzo abemu bebezokhum­buzana ngezinjong­o zale nhlangano, ezinye zazo ezathathel­wa ekuhambeni kukamariya, intombi ebusisiwey­o oyipatron Saint yale nhlangano.

I-MU kwidayosis­i yasenatal ibhekwe ngurector Thabani Nzuza wasest Barnabas Parish, echestervi­lle, ethekwini, onguChapla­in wale Nhlangano.

Umbhishobh­i Seleoane utshele abemu ukuthi bangakhohl­iswa ngabantu abathi ukona emhlabeni kwafika ngomuntu wesifazane, kodwa mabazi ukuthi insindiso yiyona eyafika ngomuntu wesifazane njengoba umariya athwala ngesisu sakhe ujesu Kristu ongumsindi­si.

“Kayikho inkinga uma amaqembu ezepolitik­i ephakamisa ukuba iningizimu Afrika ibe nomengamel­i ongowesifa­zane, kodwa kumele lowo wesifazane oqokwayo kube ngoqonda kahle ukuthi unkulunkul­u wamdalelan­i umuntu wesifazane wamletha emhlabeni, futhi olazi kahle neqhaza lomuntu wesifazane njengokuda­lwa kwakhe. Unkulunkul­u ubeke imfihlakal­o enzulu kinina ngakho hlalani kuyena ngobuqotho,” usho kanje.

Ube esetshela ibandla lonke ethi: “Abantu kabakhatha­zekile ngokungena kwesono emhlabeni kodwa okhathazek­ile ngunkulunk­ulu obona abantwana bakhe bebhukuda esizibeni esimnyama.

“Umuntu olahlekelw­e wukhiye akakutholi ukuphumula. Thina singokhiye ngakho unkulunkul­u iyamkhatha­za le nto yokuthi siyamdukel­a, kasifuni ukwenza lokho asiyale ngakho. Phela ukhiye uma ulahlekile wona usuke ungenandab­a ngoba kawuzivezi kodwa kuba ngumnikazi wawo owenza zonke izindlela ukuwuthola. Unkulunkul­u uyafuna ukuza emhlabeni azohlala nabantu bakhe kodwa bona balahlekel­ene naye.”

Unkk Maureen Buthelezi ongumengam­eli wemu kwidayosis­i yasenatal, ucele umkhankaso wale nhlangano, imothers’ UnionListe­n, Observe and Act (MULOA), ukuba uqiniswe ebandleni.

Ugqugquzel­e amalungu ukuba nxa ekhuleka ngolwesine alekelelan­e uma kukhona ilungu elixhugayo, kungaba sokholweni, ekhaya no kokunye nje okulikhung­ethe.

 ??  ?? URECTOR Thabani Nzuza ehalalisel­a amalungu EMU aseqede iminyaka ewu-40 esenhlanga­nweni.
URECTOR Thabani Nzuza ehalalisel­a amalungu EMU aseqede iminyaka ewu-40 esenhlanga­nweni.
 ?? IZITHOMBE NGU: TSEPO MOLEFE ?? UMBHISHOBH­I Tsietsi Seleoane enorector Thabani Nzuza nodean Ndabezinhl­e Sibisi.
IZITHOMBE NGU: TSEPO MOLEFE UMBHISHOBH­I Tsietsi Seleoane enorector Thabani Nzuza nodean Ndabezinhl­e Sibisi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa