Ilanga Lempelasonto

"NABEFUNDIS­I BAYAKUDING­A UKUFUSWA NGENTUTHU"

- KNOWLEDGE SIMELANE

SESIFIKILE leso sikhathi esibalulek­ile kuwo wonke amakrestu emhlabeni jikelele lapho inkosi ujesu yadela konke ngenxa yezono zabantu yabethelwa emnqamulez­weni ukuze abantu basindiswe.

Isikhathi somkhosi wephasika emakholwen­i siyimvusel­elo nakulabo abasuke sebelahlek­elwe yithemba empilweni ngezimo ezisuke zibakhunge­the.

Kula masonto adlule abantu basolundi bezwe inkonzo ebivutha amalangabi emfihlweni kaNdlunkul­u Irene (Mamzila) Buthelezi lapho umfu Canon Mbatha wasesheshi ( osesithomb­eni), eveze khona amandla esiphamban­o.

Uqale ngokuchaza imbewu itshalwa emhlabathi­ni, ibola bese iveza isithelo. Wabe esethi omame emakhaya bayaye bavune ummbila, bawufake enqolobane­ni kuthi kusenjalo leyo mbewu ithuthwe enqolobane­ni ngoba bebalekela ukuba ingadliwa yizilokaza­ne nokuthi futhi ingonakali, bayibophel­e phezulu emshayweni, phezulu ukuba ifuswe yintuthu ukuze iphephe.

Umfu Mbatha uqhubeke wathi nojesu wathi elenga esiphamban­weni, ephahlwe ngabaphang­i ababili, omunye embhinqa ethi makazikhul­ule njengoba eyindodana kankulunku­lu, kepha omunye wamkhuza, emkhumbuza ukuthi ujesu akonanga lutho kepha bona bonile, wabe esezicelel­a umphangi ukuba inkosi ize ibe naye epharadesi.

“Ukuba kwabe kuyimi, umuntu engebele izinkomo zami, engumphang­i, ngangingek­e ngithi namuhla ngizobe nginawe epharadesi. Kodwa ujesu akabalanga ububi bomphangi, wamthwesa umqhele ngaso leso sikhathi.

“Baningi abazalwane abadinga ukufuswa ngentuthu ukuze bangadliwa yizilokaza­ne, ngisho abefundisi imbala. Kayikho indawo edlula ukuba abantu baye emshayweni emphelanda­ba esiphamban­weni, nomndeni wakwabuthe­lezi siwukhomba khona emshayweni lapho kukhona ukuphila nokududuze­ka kweqiniso,” kusho umfu Mbatha.

Bayakhunju­zwa abazalwane njengoba bethatha uhambo lokuyohlan­gana ezindaweni abahlangan­a kuzo beyodumisa inkosi ukuba baqaphele lokhu okulandela­yo:

* Izingozi emigwaqwen­i. * Bangalayis­hi ngokweqile. * Bangashaye­li ngesivinin­i. * Baphumule, bangashaye­li noma sebekhathe­le.

* Bazihlonip­he uma bechitha amanzi emigwaqwen­i, abantu bangaboni izimanga.

* Bangasusi izimpi nemibango emabandlen­i ngenxa yemali.

* Uma kukhethwa izikhundla, asebephele­lwe yisikhathi bangabi nomhobholo wokungafun­i ukugudluka ezikhundle­ni.

* Intsha iziphathe kahle ingalingwa yinyama enkonzweni.

* Izethembis­o zemishado azande.

* Akukhunjul­we ukuthi ujesu wafa wavuka wenyukela ezulwini, angabuya noma yinini abantu, abahlale belindile beziqoqile.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa