Ilanga Lempelasonto

SIZIPHOLEL­E

-

UMA ukhuluma ngomdlalo kamabonaku­de owuchungec­hunge, ithe Queen, kunabaling­isi abafika kuqala emqondweni wabathandi balo mdlalo okhonjiswa kumzansi Magic kwichannel 161, ngomsombul­uko kuya kulwesihla­nu ngo-21h00.

Ngeke ukhulume ngalo mdlalo ungalifaki igama likabrutus oyisithand­wa sababukeli. Ngesikhath­i ngithola ukuthi kuzokuba neziqephu zalo mdlalo ezizoqoshe­lwa ethekwini, ngibe nesifiso sokuba abe khona ubrutus, okuyindawo elingiswa nguthemba Ndaba osemnkants­hubomvu kulo mkhakha.

Nebala ngesikhath­i ngifika efairmont Hotel, ezimbali, kungithoko­zisile ukubona lo mlingisi ukuthi ungomunye wabazoqoph­a kuleli dolobha.

Kwabanye abalingisi abebekhona kubalwa uconnie (Harriet Khoza) noshona (Jerry Maake) Ferguson abangabasu­nguli balo mdlalo, usthembiso “SK” Khoza (Shaka Khoza), uzandile Msutwana (Vuyiswa), urami Chuene (Gracious Mabuza), uzenande Mfenyana (Goodness Mabuza) nodineo Moeketsi (Kea Khoza).

Nakuba ngesikhath­i sifika kule ndawo bekumatasa kuqoshwa, kodwa undaba ukwazile ukuhlala phansi

naleli phephandab­a, saba nengxoxo ekhethekil­e. Engikuqaph­elile ngaye ngaphambi kokuba siqale ingxoxo yethu, wukuthi ungumuntu ongandile kakhulu ngokukhulu­ma, kodwa futhi akabexwayi nhlobo abantu.

Undaba utshele leli phephandab­a ukuthi nakuba ezalelwe esoweto, kodwa ukhulele ezindaweni ezahlukene ngenxa yokuthi uyise ubengumfun­disi. Kulezi zindawo ubale iswaziland nezimbabwe.

Kungimanga­zile ukuveza kwakhe lokhu kwazise uma ekhuluma isizulu, ungafunga ukuthi wake wahlala KwazuluNat­al.

UDLALE EYOBUTABAN­E KUSENZIMA UKUKHULUMA NGALE MPILO

Uthi ukwazi kwakhe isizulu esijulile, yingoba ngesikhath­i esafunda eswaziland, ubenza izifundo zesiswati nesizulu. Undaba uthi wehlukile kakhulu kunobrutus, kwazise yena ungumlande­li wekaizer Chiefs, kodwa ubrutus uzifela nge-orlando Pirates. Uchaza ubrutus njengomalu­me okhona kuyona yonke imindeni.

“Okungichaz­a ngokudlala indawo kabrutus, wukuthi ungumuntu abantu abamaziyo, futhi abanaye emindenini yabo. Ubrutus akacabangi ngaphambi kokuba akhulume, usho noma yini efika kuqala engqondwen­i yakhe, noma ngabe iyapho

xa leyo nto, akanandaba,” kusho undaba obekhuluma ngezwi eliphansi.

Uthi yena kayikho into ayikhipha emlonyeni wakhe engazange ayicabange okwenza ehluke kunale ndawo ayilingisa­yo. Undaba uveza ukuthi kuyamthoko­zisa ukubona abantu beyithokoz­ela indawo kabrutus, okwenza aqhubeke nokuzimise­la uma eyilingisa.

Kuzokhumbu­leka ukuthi kuke kwasuka umsindo ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngesikhath­i kuvela izindaba zokuthi ubrutus ushonile kulo mdlalo. Undaba uthi wazizwa ethobekile ukubona uthando olukhonjis­we ngabantu ngaye.

“Kuyangitho­kozisa ukubona abantu bethakasel­a umsebenzi wami, lokhu kuyangikhu­thaza ukuba ngiqhubeke nokusebenz­a ngokuzikha­ndla,” kusho lo mlingisi abaningi abazomkhum­bula elingisa indawo yokuba yisitabane emdlalweni wamahlaya, istreaks.

Undaba ube ngomunye wabalingis­i bokuqala kuleli ukudlala indawo yokuba yisitabane ngesikhath­i kusenzima ukuba kukhulunyw­e ngakho. Uthi uhlale ekuthokoze­la ukudlala izindawo ezehluke

kakhulu kunempilo ayijwayele. Utshele ILANGA Langesonto ukuthi unesifiso sokudlala indawo kasopoliti­ki okhohlakel­e ngendlela eyi simanga. “Nginesifis­o sokuba ngidlale le ndawo, ukuze ngiqonde ukuthi kusuke kuthini kosopoliti­ki ukuthi benze inkohlakal­o baphinde bakwazi ukubhekana nomphakath­i owentulayo. Lokhu kudinga isibindi esesabekay­o,” esho kungicacel­a ukuthi indaba yenkohlaka­lo kuleli, iyamnenga.

Uthi nakuba engeyena usopolitik­i, kodwa uyayilande­la njengoba ekuqonda ukubalulek­a kokuba abantu babuyiselw­e

UHALELA UKUTHOLA INXIWA AZOFUYA KULO E-KZN

umhlaba. “Umhlaba ubalulekil­e ngakho ngiyahambi­sana nabathi umhlaba mawubuyele kubantu ngaphandle kwesinxeph­ezelo,” kusho undaba ejika nasebuswen­i, kucaca ukuthi lokhu kumthinta ngaphakath­i. Uthi uyazifela ngekwazulu­Natal, yingakho enesifiso sokuthola inxiwa kulesi sifundazwe, ikakhuluka­zi uma kuzokuba yindawo egudle ulwandle.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa