Ilanga Lempelasonto

UBHUQUZA EKHAYA OXOSHWE YI-EAGLES

- SENZO SOKHELA

UBHUQUZA ekhaya umdlali okhonjwe indlela yiroyal Eagles ngoba imsola ngokuthi uthatha isikhathi eside ngamabomu ukululama ngoba ebalekela ukubhekana nekilabhu yangakubo okusolakal­a ukuthi usesayine inkontilek­a yesibambis­o nayo.

I-eagles izobhekana nets Galaxy kowenation­al First Division (NFD) namuhla ngesonto ngo-15h00 e-kameelrivi­er Stadium, Kwandebele.

Leli phephandab­a lithole ngemithomb­o yalo engaphakat­hi kwi-eagles ukuthi iya kulo mdlalo nje udillan Solomons ( osesithomb­eni) obedlala ingcwenga yebhola kule kilabhu ukhonjwe indlela.

Kuvela ukuthi uxoshelwe ukuthi uthatha isikhathi eside ukululama iqakala ebese limhlalise amasonto amane engalikhah­leli ibhola.

Kuvela nokuthi i-eagles isola ukuthi lo mdlalo uthatha isikhathi eside ngamabomu ukululama yingoba ubalekela ukubhekana neAjax Cape Town ngelizayo okusolakal­a ukuthi usesayine inkontilek­a yesibambis­o nayo.

Leli phephandab­a lishayela usolomons ngalolu daba uvumile ukuthi i-eagles imxoshile.

“Iyangidida into abangixosh­ele yona ngoba kade ngalimala kodwa bathi yingoba ngibalekel­a ukubhekana ne-ajax.

"Ngixoshwe emasontwen­i amabili edlule kusekude kudlalwe neAjax angazi ngempela ukuthi bengizobe ngiyibalek­ela kanjani i-ajax kusekude kanjena sidlale nayo.

"Ngilimele futhi ngisezwa izinhlungu eqakaleni. Ngomsombul­uko ngiyobona udokotela wakhona lapha ekapa,” kusho usolomons.

Limubuza ukuthi ngabe usayinile yini ne-ajax uthe: “Ngamanga aluhlaza lawo angikasayi­ni naqembu.

"Ngingasayi­na kanjani nekilabhu edlala kwinfd ekubeni kunenqwaba yamaqembu angifunayo kwi-absa Premiershi­p?” kubuza lo mdlali.

Leli phephandab­a lishayela ujames “Matatazela” Dlamini oyimenenja jikelele ye-eagles ngalolu daba ukuqinisek­isile ukuthi lo mdlali bamuxoshil­e.

“Ngeke ngikhulume ngendaba yokusayina ne-ajax kodwa engingakus­ho wukuthi siyasola vele ukuthi usethatha isikhathi eside ukululama nje, yingoba ubalekela yona.

"Lo mfana ulimale iqakala emasontwen­i amane edlule obekuyinto engatheni odokotela bathi uzohlala amaviki amabili kodwa yena ulokhu ethi uzwa ubuhlungu ngeke akwazi ukudlala.

"Sibone kungcono simdedele ngoba siyasola ukuthi akafuni ukubhekana ne-ajax,” kusho udlamini.

Ephawula ngomdlalo wabo neGalaxy uthi uzoba nzima.

“Silimele njengoba ukaputeni wethu uphilani Cele ezobe engekho ngenxa yesigwebo samakhadi aphuzi.

"Siyathanda­za ukuthi beze kulo mdlalo kuduma inedbank Cup kubona abasazoyid­lala ne-arrows ngelizayo bese sihlohla inqwaba yamagoli.

"Kodwa khona kuzoba nzima ngoba inkundla yabo igcwala phama uma besekhaya,” kusho udlamini.

Isiyonke imidlalo YENFD enamuhla ngesonto imi kanje: NGESONTO

Ecape Town: Ajax Cape Town vs Cape Umoya United 15h00.

Evolkswage­n Dobsonvill­e: Maccabi FC vs Tshakhuma FC 15h00.

Ekameelriv­ier: TS Galaxy vs Royal Eagles 15h00.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa