ESKHALENI:
ASIKHO isizathu esingezwakala sokushaya into ephansi kwebafana Bafana kwi-african Cup of Nations (Afcon) ezoqala mhla ka-21 kunhlangulana (June) isongwe mhla ka-19 kuntulikazi (July) e-egypt.
Ibafana ididiyelwe kwi-group D namazwe okubalwa kuwona imorocco, i-ivory Coast nenamibia.
Amazwe aqhathwe ngolwesihlanu ecairo, e-egypt.
Yize ibafana iboshelwe namazwe anzima kuleli qoqo, kodwa inaso sonke isikhathi sokulungiselela lo mqhudelwano.
Ustuart Baxter ongumqeqeshi webafana, sekulele kuyena ukuthi yimaphi amazwe afuna ukungcweka nawo ngoba useyawazi amazwe azobhekana nawo.
Kungaba kuhle kakhulu nxa isouth African Football Association (Safa) izomeseka ngokugcwele lo mqeqeshi. Ubaxter akanalo ihawu lokuvika ngoba lo mqhudelwano uzodlalwa isizini ivaliwe, okuchaza ukuthi uzobathola ngesikhathi bonke abadlali abadingayo.
Ngaphezu kwalokhu, namakilabhu aphesheya ngeke anqikaze ukukhulula abadlali ukuzobamba iqhaza kwi-afcon ngoba nakhona izokube ivaliwe isizini.
Silindele ukuthi le-afcon ibe sezingeni eliphezulu kakhulu ngoba izodlalwa phakathi nonyaka, okusho ukuthi amakilabhu aphesheya azokwazi ukudedela abadlali.
Okunye okulindeleke ukuba kunyuse isasasa lalo mqhudelwano wukuthi sinyusiwe isibalo samazwe azobamba iqhaza, sasuka ku-16 saya ku-24. Kungaba yihlazo ukuthi ibafana ingadluleli esigabeni esilandelayo kulo mqhudelwano njengoba inengqalasizinda yezinga lomhlaba kwazise elakuleli lisingathe ngempumelelo imidlalo yendebe yomhlaba ngo-2010.
Khona kuyihlazo ukuthi isizwe sijabulela ukuthi ibafana ikwazile ukungena kulo mqhudelwano.
Eqinisweni nje kumele ngabe ihlale ikwenza lokhu, futhi ihambe ibanga elide kulo mqhudelwano.
Ibafana ingaba yihlaya nxa ingaphuma esigabeni samaqoqo bese amazwe aqalayo ukubamba iqhaza kwi-afcon adlulele phambili.
Kuwona kukhona imadagascar, iburundi nemauritania. Akubukeki kahle ukuthi amazwe ase-afrika eseningizimu adonsa kanzima ukunqoba i-afcon.
Selokhu kugcine ngezambia ukuthi kube khona izwe lakulesi sifunda esiqukula le nkomishi.
Ibafana inalo ithuba lokwenza kahle kulo mqhudelwano nxa izokwesekwa yipremier Soccer League (PSL), yisafa nomphakathi waseningizimu
Afrika.