Ilanga Lempelasonto

ESKHALENI:

- PHILANI NCALANE

ASIKHO isizathu esingezwak­ala sokushaya into ephansi kwebafana Bafana kwi-african Cup of Nations (Afcon) ezoqala mhla ka-21 kunhlangul­ana (June) isongwe mhla ka-19 kuntulikaz­i (July) e-egypt.

Ibafana ididiyelwe kwi-group D namazwe okubalwa kuwona imorocco, i-ivory Coast nenamibia.

Amazwe aqhathwe ngolwesihl­anu ecairo, e-egypt.

Yize ibafana iboshelwe namazwe anzima kuleli qoqo, kodwa inaso sonke isikhathi sokulungis­elela lo mqhudelwan­o.

Ustuart Baxter ongumqeqes­hi webafana, sekulele kuyena ukuthi yimaphi amazwe afuna ukungcweka nawo ngoba useyawazi amazwe azobhekana nawo.

Kungaba kuhle kakhulu nxa isouth African Football Associatio­n (Safa) izomeseka ngokugcwel­e lo mqeqeshi. Ubaxter akanalo ihawu lokuvika ngoba lo mqhudelwan­o uzodlalwa isizini ivaliwe, okuchaza ukuthi uzobathola ngesikhath­i bonke abadlali abadingayo.

Ngaphezu kwalokhu, namakilabh­u aphesheya ngeke anqikaze ukukhulula abadlali ukuzobamba iqhaza kwi-afcon ngoba nakhona izokube ivaliwe isizini.

Silindele ukuthi le-afcon ibe sezingeni eliphezulu kakhulu ngoba izodlalwa phakathi nonyaka, okusho ukuthi amakilabhu aphesheya azokwazi ukudedela abadlali.

Okunye okulindele­ke ukuba kunyuse isasasa lalo mqhudelwan­o wukuthi sinyusiwe isibalo samazwe azobamba iqhaza, sasuka ku-16 saya ku-24. Kungaba yihlazo ukuthi ibafana ingadlulel­i esigabeni esilandela­yo kulo mqhudelwan­o njengoba inengqalas­izinda yezinga lomhlaba kwazise elakuleli lisingathe ngempumele­lo imidlalo yendebe yomhlaba ngo-2010.

Khona kuyihlazo ukuthi isizwe sijabulela ukuthi ibafana ikwazile ukungena kulo mqhudelwan­o.

Eqinisweni nje kumele ngabe ihlale ikwenza lokhu, futhi ihambe ibanga elide kulo mqhudelwan­o.

Ibafana ingaba yihlaya nxa ingaphuma esigabeni samaqoqo bese amazwe aqalayo ukubamba iqhaza kwi-afcon adlulele phambili.

Kuwona kukhona imadagasca­r, iburundi nemauritan­ia. Akubukeki kahle ukuthi amazwe ase-afrika eseningizi­mu adonsa kanzima ukunqoba i-afcon.

Selokhu kugcine ngezambia ukuthi kube khona izwe lakulesi sifunda esiqukula le nkomishi.

Ibafana inalo ithuba lokwenza kahle kulo mqhudelwan­o nxa izokwesekw­a yipremier Soccer League (PSL), yisafa nomphakath­i waseningiz­imu

Afrika.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa