Ilanga Lempelasonto

IYAVUTHWA EBHEKE EHLATHINI KWI-MARITZBURG UNITED

- PHILANI NCALANE

IYAVUTHWA indlela ebheke ehlathini kwimaritzb­urg United njengoba iguqiswe yihighland­s Park ngo-1-0 emdlalweni we-absa Premiershi­p izolo ngomgqibel­o ntambama, emakhulong Stadium, egoli.

Iteam of Choice idonsa kanzima ukuxaxama emsileni njengoba inamaphuzu angu-20 emidlalwen­i engu-26.

Igoli lehighland­s elwela ukungena kwi- top 8, livalelwe nguPeter Shalulile ngomzuzu ka-77.

Imaritzbur­g bekumele iwunqobe lo mdlalo kwazise ichippa United (nayo evika izembe) ihlulwe yibidvest Wits ngo-1-0 ngolwesihl­anu.

Izinto zithanda ukuba wumqansa kwiteam of Choice njengoba isalelwe yimidlalo emine, ebukeka inzima kakhulu kuyona.

Emdlalweni olandelayo, izodudulan­a ne-orlando Pirates - esembangwe­ni wesicoco seligi - ekhaya mhla ka-24 kwephezulu, kanti ngemuva kwalokho izovakashe­la iblack Leopards bese yamukela isuperspor­t United kuthi kowokugcin­a ibhekane nebaroka ekuhambeni.

Usizi ngathi lusazoqhub­eka nokugadla emgungundl­ovu njengoba ipirates ilwela ukunqoba iligi, ekubeni akuphumi noma ngubani kwileopard­s njengoba abantu basethohoy­andou benguzuka ngobuningi emidlalwen­i yale kilabhu yasekhaya.

Ikaizer Chiefs ijuluke kanzima ibhekene nayo ileopards kowePremie­rship izolo ntambama emdlalweni ophele zibambene ngo-11 khona ethohoyand­ou.

Le nkundla ibigcwele phama, futhi abantu baze bama ngezinyawo ngenxa yokugcwala kakhulu kwenkundla.

Igoli lechiefs kulo mdlalo livalelwe ngu-arohasina Andrianari­manana ngomzuzu ka-10 kwathi eleleopard­s lashaywa ngulifa Hlongwane ngoka-22.

Uhlongwane ugcine eqokwe njengomdla­li ovelele kulo mdlalo.

Ernst Middendorp ololonga ichiefs, ubevele eshilo ukuthi ulindele ubunzima ethohoyand­ou, ngenxa yokungquzu­ka komphakath­i wakuleya ndawo emidlalwen­i yeleopards yasekhaya.

Abalandeli beleopards bacindezel­e ipirates ikhishwa yile kilabhu kwinedbank Cup.

Ibucs ibibhekene nefree State Stars kowepremie­rship izolo kusihlwa esoweto.

Lona bekungumdl­alo wokuqala westars selokhu ishiywe ngusinethe­mba Jantjie odlule emhlabeni ngemuva kwengozi yemoto emehlele efree State.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? UKARABO Tshephe weblack Leopards ebhekene no-aro Andrianari­manana wekaizer Chiefs kowe-absa Premiershi­p ophele ngo-1-1 ethohoyand­ou Stadium elimpopo.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES UKARABO Tshephe weblack Leopards ebhekene no-aro Andrianari­manana wekaizer Chiefs kowe-absa Premiershi­p ophele ngo-1-1 ethohoyand­ou Stadium elimpopo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa