Ilanga Lempelasonto

Isantaco nembangela yokufa kosomateki­si

Ubungozi ngemali egaywayo yibona obuhamba phambili

- JOHN HLONGWA hlongwaj@ilanganews.co.za

UMKHONTO ubhajwe enxebeni embonini yamatekisi, njengoba sekusocong­we osomatekis­i abangaphez­ulu kuka-7 esikhathin­i esingaphan­si kwezinyang­a ezintathu Kwazulu-natal.

ILANGA Langesonto NELANGA, libikile ngezinye zezehlakal­o zokubulawa kwabo, njengoba iningi labo belidutshu­lwa ngokulalel­wa unyendle.

Phakathi kwasebebul­ewe esikhathin­i esingaphan­si kwezinyang­a ezintathu, singabala u-andile Hlela, usiya Phiri, uzamani Simamane, usibusiso “Boy” Shazi, ( osesithomb­eni), unicolas Ntuli, ubongani Mthembu nomhlaba Thabethe ukukha nje phezulu.

Kuzona zonke lezi zehlakalo, akwaziwa ukuthi yini imbangela yalokhu kuhlasela. Muva nje isouth African National Taxi Council (SANTACO), ibambe umhlangano waminyaka yonke edundee, kanti kalusalang­a lolu daba lokungqubu­zana okubonakal­a kungalawul­eki kule mboni ethathwa njengeyaba­mpisholo.

ILANGA Langesonto lixhumane nosifiso Shangase oyi-provincial Manager YESANTACO KwazuluNat­al, ukuzwa ilaka labo ngalesi sihlava. Uthe indaba yokubulawa kosomateki­si, ibakhathaz­a kakhulu. Nokho uthi zikhona izinhlelo abanazo ukuzama ukuletha uzinzo kule mboni.

Phakathi kwezinto athi zibakhatha­za kakhulu nezidingid­we emhlanganw­eni, yindaba yezimvume, wumona ohlasele kule mboni nokudlova okuningi okuhambisa­na nobugebeng­u.

Uthi umona embonini uqala lapho amalungu kasoseshin­i owodwa, esebona ukuthi umsebenzi wokuthutha abantu uyancipha, bese beqala ukufisa ukuba kube namatekisi amiswayo, ukuze kuthuthe ambalwa.

“Kusuka lapho-ke ukuxabana kusoseshin­i, bese kufa abantu,” kusho umnu Shangase.

Uqhube wathi indaba yezimvume ezilawula ukuba itekisi ilayishe endaweni ethile kuphela, nazo ziyephulwa, uthole itekisi yehlisa iphinde ilayishe emzileni engavunyel­we kuwona.

“Bavele bafune ukwehlisa maqede balayishe futhi, bese iyaqala-ke inkinga,” kusho umnu Shangase. Uthe enye inkinga ekhona kule mboni, ngeyonogad­a abafika bezolekele­la uma kunesimo esibucayi kusoseshin­i, okuthi uma leso simo sesidlulil­e, sekumele bamiswe, bese besusa udungunyan­a.

“Labo nogada bakhokhelw­a ngokuba kukolekwe imali ematekisin­i alowo soseshini. Lokhu kugcina sekubacasu­la abanye osomatekis­i, bese becela ukuba bahoxiswe onogoda okanye benqabe ukukhokha le mali.

"Ngenxa yokuphikis­ana okuba khona, kujika amanye amalungu kasoseshin­i ayotshela onogada ukuthi ngusibanib­ani ongasabadi­ngi, nguyena owenqaba nomsebenzi, bese inzondo iqala lapho,” kusho umnu Shangase.

Uqhube wathi zikhona izinhlelo abanazo ukuzama ukudambisa isimo, njengoba ukubumba ikomidi elizobheka ngokujulil­e ukuthi umuntu ofuna ukungena embonini ngabe ukulungele yini lokho, kucwaningi­siswe imuva lakhe, kuphinde kube nemikhulek­o.

Uthe kunohlelo lokusayinw­a kwe- affidavit olwenziwa ngumuntu osuke efuna ukusebenza embonini, nokho uthi osomatekis­i bayaligcwa­lisa leli fomu, kodwa uma sekuthiwa malicutshu­ngulwe, bakhale ngokuthi baqedelwa isinkwa. Leli fomu kusuke kuhloswe ngalo ukuthola ukuthi umuntu awekho yini amacala abucayi ake wathinteka kuwona.

Enye into ISANTACO efisa ukuyenza, wukuba inkampani yonogada ifakwe ngaphansi kukahulume­ni ukuze kugwemeke ukushintsh­isana ngemali. Kuzokhumbu­leka ukuthi ISANTACO iqoke ithimba elibizwa ngetask Team, ukubhekana nezinkinga kule mboni.

Leli phephandab­a likhulume nanomnu Themba Kubheka onguNobhal­a wegreater North Region, othe bakhona abantu asebeshayi­we kuleya ndawo, kodwa wathi kasikho isiqinisek­o sokuthi kusuke kuhlobene nomsebenzi wokuthutha ngoba ukuba kunjalo, ngabe sebebikele umnyango.

Bafuna ukwehlisa bese beyalayish­a, iqale kanjalo inkinga kososeshin­i.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa