Ilanga Lempelasonto

Igcokama Elisha liphika 'eyocansi'

Lithi yizikhohla­kali ezihumushe ukuthanda kwazo

- THANDI ZONDI

ISILOMO somculi kamasikand­i, umthandeni “igcokama Elisha” Manqele sibabize ngezikhohl­akali abayamanis­a isihloko se-albhamu yaso entsha, nezocansi.

Lesi silomo sisuse umsindo ngolwesine kuvela emphakathi­ni isihloko se-albhamu yaso entsha esithi: "Dog Style". Lesi sihloko sinyakazis­e inkundla yezokuxhum­ana, i-instagram.

Iningi labalandel­i balesi sihlabani, bebeyamani­sa lesi sihloko nesitayela esidume ‘ngelenkomo­ziyophuza’, abanye bebesihlaz­iya ngendlela yabo.

Likhuluma NELANGA Langesonto igcokama Elisha, lithe abalandeli balo bayazi ukuthi amaalbhamu alo livame ukuwaqamba izihloko zesingisi. Lithi nakulena kakukho okwethusay­o, ngoba uma kutolikelw­a esizulwini idog Style, kusho ukuthi isitayela senja noma sezinja.

“Njengoba abantu benemikhub­a yabo, kanjalo nezilwane zineyazo. Kuwumkhuba wenja ukungabong­i. Omunye umkhuba wenja wukuthanda ukukhonkot­ha imoto ehambayo,” lichaza.

Lithi kuya

lixaka ukuthi kungani abantu bafikelwa wumcabango othinta ucansi kulesi sihloko.

“Thina esikhulele emakhaya, yinto esiyifundi­swayo ukungayish­o into ehlambalaz­ayo phambi kwabantu abadala. Kungaba yichilo nje ukuba ngikhulume into ewukungcol­a. Ngabe ngingcolis­a igama lasemzini engiphuma kuwona,” kusho igcokama. Lithi abantu kuzobasiza ukuba bathenge umculo walo ukuze bezozizwel­a ukuthi likhuluma ngani. Lithi kayikho ngisho into eyodwa ehlambalaz­ayo emculweni walo. “Mina ngiyiciko, uma ngibhala ngiyacikoz­a. Uma ucikoza-ke into kawuyibeki obala, iba nomqondo ocashile, okuyinto engiyenze kule albhamu. Abantu bazothola (ukuthi ukhuluma ngani) uma sebelalele i-albhamu,” kusho lona. Lithi abangakayi­tholi le albhamu mabalindel­e isitayela esehlukile kunalesi abasejwaye­le. “Ngiphethe ushuni ongajwayel­ekile, ngingumunt­u othandayo ukuzama izinto ezahlukene emculweni, ukuze kubonakale ikhono lami. Yinto engiqalayo ukuyenza, ngiveze amakhono amaningi. Ngingasho nje ukuthi bengifihle induku emqubeni kule albhamu. "Phela kuningi engikwenza­yo ngephimbo lami,” kuphetha igcokama. Izolo ohlelweni usigiya Ngengoma, abasakazi balo, ukhathide “Tshathugod­o” Ngobe nozimiphi “Zimdollar” Biyela behlulekil­e ukubiza isihloko sale albhamu emoyeni, njengoba bebelokhu bethi isitayela uma bekhuluma ngayo.

Lapha bese kuyisigats­hana lapho besuke bekhuluma khona ngamaalbha­mu amasha.

 ??  ??
 ??  ?? UMTHANDENI Manqele uthi kayikho into angayenza ngabantu abacabanga ukukhohlak­ala ngesihloko se-albhamu yakhe entsha, esithi: "Dog Style" ngoba vele umhlaba sewonakele.
UMTHANDENI Manqele uthi kayikho into angayenza ngabantu abacabanga ukukhohlak­ala ngesihloko se-albhamu yakhe entsha, esithi: "Dog Style" ngoba vele umhlaba sewonakele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa