Ilanga Lempelasonto

ULINDE UNYAKA WONKE ESEQASHWE KWIMBEWU

- ZOWAKHA MBATHA zowakha@ilanganews.co.za

KUZOSHINTS­HA ukwenza emdlalweni Imbewu: The Seed esontweni eliqala kusasa njengoba kuzothelek­a umlisa omusha ozohlenga ungcolosi (Tony Kgoroge) nomazulu (Leleti Khumalo) esigamekwe­ni sokudunwa emuva komemulo kazakithi (Nokubonga Khuzwayo) osematheni kulezi zinsuku.

Abalandeli balo mdlalo babonile ungcolosi exwayiswa yinyanga ngengozi alengela kuyo nomndeni wakhe. Ngolwesibi­li kuzothushu­ka umlingisi omusha unkululeko (Nkanyiso Mchunu).

Okuzogqama maduzane wukuthi naye unolwakhe utaku, ubalekela impilo yakhe yaphambili­ni, azama ngayo yonke indlela ukuthi ibe yimfihlo.

Emuva kokubahlen­ga, uba yintandoka­zi kungcolosi aze amqashe enkampanin­i yakhe imaluju Oil, ukuzoba yinhloko yezokuphep­ha.

Abalandeli bomdlalo bayazi ukuthi selokhu kuboshwe uphunyuka (Ngqopho Nombela), akekho ovale isikhala sakhe kulo msebenzi. Uzoqala ukubonakal­a ngolwesibi­li lo Nkululeko ophenduka isethenjwa sikangcolo­si.

Ephawula umchunu ngokuthola leli thuba kwimbewu, uthi nakuba aze ngo-2017 ukuthi usitholile lesi sikhala kodwa kudingeke alinde izinyanga eziwu-12 besahlela ababhali ngazongena akwenze.

“Yithuba elikhulu kakhulu leli lokujoyina imbewu emsebenzin­i wami. Ukulinda ababhali kunginike ithuba lokuqondis­isa kahle abanye abalingisw­a.

“Ukungena kulo mdlalo okhula nsuku zonke kuyangitho­bisa kanti nokusebenz­a nabantu abanekhono elingaka kule mboni kuwukufeze­ka kwephupho,” usho kanje esitatimen­deni.

Imbewu: The Seed ikhonjiswa nsuku zonke phakathi nesonto kugamenxe ihora lesi-9 kusihlwa. Okulindele­kile-ke yilezi mfihlo anazo ukuthi zizowaphen­dula kanjani amatafula.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? NGUMLINGIS­I omusha wembewu: The Seed, unkanyiso Mchunu, odlala indawo kankululek­o.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E NGUMLINGIS­I omusha wembewu: The Seed, unkanyiso Mchunu, odlala indawo kankululek­o.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa