Ilanga Lempelasonto

Zisazoqina ezokupheph­a EKZN

Bajabule ngokwehla kwesibalo sezingozi ngephasika

- JOHN HLONGWA

AZOQHUBEKA nokukanisa kuzona zonke izinkalo amaphoyisa omgwaqo ukuzama ukulwisana nokuziphat­ha budlabha kwabashaye­li emigwaqwen­i yakwazuluN­atal njengoba kuyimpelas­onto ende yephasika.

Lokhu kushiwo ngumnu Kwanele Ncalane, okhulumela umnyango wezokuthut­ha Kwazulu-natal, emuva kokuba sehle kakhulu isibalo sabafe ezingozini zomgwaqo ezinsukwin­i zokuqala zala maholidi.

Umnu Ncalane uthe ungqongqos­he wezokuthut­ha, umnu Mxolisi Kaunda ( osesithomb­eni) , usagculise­kile ngombiko aba

sawutholil­e okwamanje ngezingozi zomgwaqo esifundazw­eni.

Uthi izingozi ziphansi uma kuqhathani­swa nezesikhat­hi esifanayo nyakenye. Uthe zimbili izingozi ebezisenze­ke kulesi sifundazwe ngaphambi kwentambam­a yayizolo ngomgqibel­o.

Uthe lezi zingozi zidlule nemiphefum­ulo yabantu abawu-10. Eyokuqala yenzeke enewcastle, lapho kushayisan­e khona amaloli amabili, imoto encane netekisi emgwaqweni u-n11, kwashona abantu abawu-5.

Enye yenzeke empangeni emgwaqweni u-r102 nakhona kwashona abantu abawu-5. Kuzo zombili lezi zingozi basalinde umbiko ophelele ukuthi ngabe kube yini imbangela yazo.

Umnu Ncalane uthe bangaphezu­lu kuka-20 abashayeli ababoshiwe ezingxenye­ni ezahlukene zesifundaz­we ngenxa yamacala okutholaka­la beshayela bengekho esimeni, abanye beqise uphuzo oludakayo.

Uthe umnyango wenze inqwaba yezinhlelo ukulungise­lela iphasika, kubalwa ukuhlangan­a kukaMnu Kaunda namaphoyis­a ukudingida ngezinsele­lo zomgwaqo.

Okunye athi bakubheke ngabomvu yimiphumel­a yezivimbam­gwaqo, ukuthi uma ubanjwe uphambene nomthetho yini okumele yenziwe ngawe.

Ukuqinisek­isile ukuthi amaphoyisa atshalwe kuzona zonke izinkalo kuze kube wulwesibil­i abantu sebebuyela emisebenzi­ni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa