UMENGAMELI UBONGE IQHAZA LOMSUNGULI WE-BLACK MAMBAZO
“KUYISIBUSISO esikhulu ukunyathela kukamengameli wezwe egcekeni lakwashabalala.”
Lawa ngamazwi kasibongiseni Shabalala, okhulumela umndeni kasolwazi Joseph Shabalala, ongumsunguli weladysmith Black Mambazo.
Umengameli Cyril Ramaphosa izolo ngomgqibelo uvakashele le nkakha esithathe umhlalaphansi emculweni emzini wayo osemnambithi.
Ngokusho kukasibongiseni, kube yintokozo enkulu ukunyathela kukamnu Ramaphosa egcekeni lakubo, kanti lokhu uthe kumjabulise kakhulu usolwazi Shabalala obuthaka kulezi zinsuku kulandela ukuhlinzwa kwakhe emhlane.
Usibongiseni oyindodana kasolwazi, uthe uyise uyalulama kakhulu kanti uzizwe ethobekile evakashelwa ngumengameli.
Uthe umengameli umbongile uyise ngokusungula leli qembu eselibe ndawonye iminyaka engu59, futhi elisaqhubeka nokwenza umehluko kuleli naphesheya kwezilwandle. Uthi umnu Ramaphosa uphinde wabafisela uhambo oluhle njengoba imambazo ibilungiselela ukuya phesheya kwezilwandle.
Usibongiseni uthi njengoba belibangisa phesheya, bazohambela amazwe ase-europe okubalwa kuwona iportugal, ispain, iswitzerland namanye njengoba bezohamba amasonto amabili.
Utshele leli phephandaba ukuthi ngemuva kwamasonto amabili bazobe sebebuyela kuleli besebeqala amalungiselelo omcimbi abawuhlelayo wokuklomelisa abasemkhakheni womculo wesicathamiya obizwa ngecothoza Awards ozoba ngonhlangulana (June).
Umengameli Ramaphosa ukhuthaze ukubaluleka kokuhlonipha amaqhawe esadla anhlamvana. Uphinde wazwakalisa ukuthobeka kwakhe ngokubona usolwazi Shabalala amchaze njengenkakha eyibekile induku ebandla emculweni.