Ilanga Lempelasonto

ABEZEPOLIT­IKI BEBEGAYA IVOTI NGEPHASIKA

- LUCKY CAIN

IZIGIDI zabantu baseningiz­imu Afrika zibungaze ukuqala kwempelaso­nto yephasika ngokuhambe­la izinhlelo zamabandla azo ngolwesihl­anu.

Lokhu kunike inqwaba yosopoliti­ki ithuba lokusabala­la kula mabandla ngenhloso yokunxenxa amavoti njengoba kuza ukhetho lukazwelon­ke olungomhla ka-8 kunhlaba (May).

Umengameli wezwe, umnu Cyril Ramaphosa ( osesithomb­eni), uhambele ibandla lamaweseli eport Shepstone lapho bekunezink­ulungwane zamalungu aleli bandla.

Umnu Ramaphosa uphinde wathola nethuba lokuthanda­zelwa ngabefundi­si baleli bandla. Esekhuluma, unxuse amalungu ukuba aphume ngobuningi ukuyovota.

Umholi weda umnu Mmusi Maimane, uhambele ichristian Revival Centre ethekwini. Umnu Maimane ufisele bonke abantu bakuleli iphasika elinezibus­iso nokuphepha. Ubuholi obuphezulu BE-EFF buhambele igrace Bible Church, esoweto.

Ebandleni, I-ethekwini Community Church, eliholwa ngumbhisho­bhi Vusi Dube, bekunabaho­li abehlukene okubalwa kubona umnu Zwakele Mncwango ohola IDA Kwazulu-natal, umnu Mdumiseni Ntuli ongunobhal­a weANC kulesi sifundazwe, umnu Bheki Ntuli ongunobhal­a waleli qembu esifundeni itheku, umnu Mdu Manana, nonkk Nocawe Mafu abasesigun­gwini esiphezulu seqembu elibusayo.

Umnu Mncwango ekhuluma kuleli bandla, unxuse ukuba abaholi bahloniphe umphakathi njengoba kuyiwona obavotela ezikhundle­ni.

Uphinde wacela ukuba amalungu ebandla abakhuleke­le njengoba bebhekene nezinselel­o zokuhola. Unkk Mafu ukhulume ngeqembu elibusayo wakhumbuza amalungu ebandla ukuthi umhlangano wokuqala WE-ANC wabanjelwa esontweni ebloemfont­ein.

Uchaze leli qembu njengelakh­elwe ngaphansi kwesisekel­o sikankulun­kulu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa