Osomatekisi ebhizinisini elizofukula neziboshwa
Livulwe ngokusemthethweni yimboni yabo yokufaka amathayi
KWETHULWE ngokusemthethweni indawo yokufaka amathayi ezimoto ephethwe ngosomatekisi abangaphansi kukasoseshini, igrange and Westgate, emgungundlovu.
Labo somatekisi, abanenhlangano engenzi inzuzo, bavule ngokusemthethweni le ndawo emcimbini obungolwesithathu emgungundlovu, obuhanjelwe nangungqongqoshe wezamabhizinisi amancane, unkz Lindiwe Zulu.
Le nhlangano ibizwa ngekings of Midlands kanti ihlanganiswe ngosomatekisi bakulo soseshini, yenza imisebenzi eyahlukene kubalwa indawo yokufaka amathayi (ebivulwa ngolwesithathu), ukuthunga imifaniswano yezikole, ukukhanda izimoto, ukuwasha izimoto nokunye.
Umnu Nhlanhla Nkomo, ongusihlalo walo soseshini, uthi inhloso yabo ngale nhlangano engenzi nzuzo, wukudala amathuba emisebenzi iphinde ilekelele nozakwabo embonini ekutheni bakhule ngasemkhakheni wamabhizinisi.
Uthi le nhlangano bayisungula ngo-2004, baqala ngokuthi badlale isitokofela sokuthengelana amatekisi kulo soseshini.
Uthi emuva kokuba sebethenge amatekisi angu-35 bethengela amalungu, babone kungcono ukuba bavule le nhlangano engenzi nzuzo eqale ngokuba inikele ezikoleni ngemifaniswano.
“Siqale ngokuthi njalo ngonyaka sihambise imifaniswano yezikole ezinganeni ezihlwempu. Kuthe uma kuhamba isikhathi sabona kungcono ukuba sibambisane nabafowethu abasemajele ngokuthi basithungele le mifaniswano bese siyihambisa ezikoleni ezahlukene.
“Sithenge imishini yokuthunga sayihambisa ejele ewestville lapho
ithungwa khona imifaniswano.
“Sinqume nokuthi sibe nendawo ezofaka amathayi ezimoto. Ngenxa yokuthi besifuna ukukhula njengenhlangano engayenzi inzuzo, sibe sesicela uxhaso kuhulumeni njengoba ekwazile ukusithengela izinsiza ezibize imali engango-r10 million isiyonke. Kulezi zinsiza kuhlanganisa imishini yokuthunga, imishini ezolekelela ekufakeni amathayi, yindawo yokukhanda izimoto, nokunye.
“Inhloso yethu wukulekelela izingane ezihlezi emakhaya, ezingasebenzi, nabafowethu abasemajele, ikakhulukazi labo esisebenzisana nabo kakhulu okuzothi uma bephuma, bakwazi ukuthola umsebenzi kuze kube bazivulela amabhizinisi abo okuthunga,” kusho yena.
Umnu Boy Zondi, ongusihlalo wesantaco Kwazulu-natal, unxenxe umasipala ukuba ubambisane nemboni ekutheni ufake amathayi ezimoto zawo kuleli bhizinisi ukuze lisimame, imali ibuyele kubantu abampisholo.
Ungqongqoshe uzulu ubonge umnu Zondi ngokubambisana nabo yize kuke kwaba nezinkinga abebehlangabezana nazo ukwenza lo msebenzi ube yimpumelelo.