Ukhala ngosopolitiki abangagcini izethembiso
OWE-1KZN TV uzishaya isifuba ngokuthuthukisa abasafufusa
ISIKHULU sesiteshi sikamabonakude somphakathi i-1 KZN TV sikhala ngokubukeleka phansi kwalesi siteshi okwenziwa yizikhulu zeminye yeminyango kahulumeni nomasipala abathile.
Umnu Edwin Mncwango ongumsunguli walesi siteshi esizinze erichards Bay, uthi kubuhlungu ukuthi lesi siteshi sithathwa kancane ngezinye zezikhulu zikahulumeni ekubeni senza umehluko omkhulu emphakathini wakwazulu-natal.
Uthi njengesiteshi somphakathi sikamabonakude futhi okuyisona sodwa kulesi sifundazwe, kumele ngabe kuhle ukusebenza okukhona phakathi kukahulumeni naso njengoba inhloso yaso kuwukuqhakambisa okwenzeka esifundazweni.
“Ngeke ngibophe ngabhande linye omasipala ngoba ikhona iminyango nomasipala esisebenza kahle nabo, futhi eyaziyo ukuthi sikhona. Nokho okungiphatha kabi wukuthi njengoba sizinze erichards Bay nje, singaphansi komasipala umhlathuze nesifunda iking Cetshwayo, kodwa ukusebenzisana kuyagqoza ngempela kubona. Ngingazibala izikhawu abasakhangise ngazo kithina eku
beni siyakuqhakambisa okwenzeka ngaphansi kwabo,” kusho umnu Mncwango.
Uqhube ngokuthi kubuhlungu ngoba uma laba omasipala befuna izintatheli zabo zizocoshela okwenziwa yizimeya (komasipala nasemkhandlwini), bayazi ukuthi ikhona I-1KZN.
Umnu Mncwango uthi njengesiteshi somphakathi, kayikho enye indlela yokwenza inzuzo ngaphandle kokuba babambisane nezinhlaka zikahulumeni ezahlukene. Uthi nakuba kusashoda kodwa babambisene kahle nezinkampani ezizimele. Lesi sikhulu sithi sesizame kaningi ukuxhumana nezikhulu ezithintekayo kodwa kunhlanga zimuka nomoya njengoba kunalokho sidlala izethembiso.
Okunye lesi sikhulu esikhala ngakho, wukuthi uma lesi siteshi senze imicimbi yokubungaza impumelelo yaso, bayazibiza izikhulu eziphezulu zikahulumeni okubalwa kuzona nongqongqoshe futhi bafike benze izethembiso, kodwa ngemuva kwalokho kucwebe iziziba.
Uphinde wakhala kakhulu ngoMnyango wezobuciko namasiko Kwazulu-natal, awuchaze njengodukuza ebumnyameni uma kuziwa ezintweni zokuthuthukisa amaciko.
“Njengesiteshi, sisebenza kakhulu ngamaciko, kanti ahlale efika esikhalela, siwanike ithuba lokuqhakambisa amakhono awo kodwa umnyango usishaya indiva.
"Lo mnyango wakhe isikhungo lapha ebay kodwa esingakaze sisebenze, kuyimanje lesi sikhungo kasenzi lutho siyonakala.
“Bekunani ukuba sibambisane nawo umnyango, sisebenzise leli bhilidi ngoba lizobhidlika maduzane,” kukhala umnu Mncwango.
Uthi banezinhlelo zokuthuthukisa amaciko baphinde badlale namafilimu akhiqizwe yilabo abasafufusa kodwa umnyango kawazi nokuthi kunesiteshi salolu hlobo.
Umnu Mncwango uveze ukuthi I-1KZN ikhonjiswa iningizimu Afrika yonke ngaphansi kwedstv kanti igabe ngababukeli abafinyelela ku-2 million okwenza kube buhlungu uma eminye imithombo yezokusakaza ithathelwa phezulu kunabo ngoba nakhu iphethwe ngezinye izinhlanga.
Umnu Mncwango uphethe ngokuveza ukuthi kulesi sifundazwe banamahhovisi amathathu azinze ebay, ethekwini naseport Shepstone kanti izintatheli zabo zicoshela kuzo zonke izinkalo zakulesi sifundazwe.