Ilanga Lempelasonto

Ukhala ngosopolit­iki abangagcin­i izethembis­o

OWE-1KZN TV uzishaya isifuba ngokuthuth­ukisa abasafufus­a

- LUCKY CAIN

ISIKHULU sesiteshi sikamabona­kude somphakath­i i-1 KZN TV sikhala ngokubukel­eka phansi kwalesi siteshi okwenziwa yizikhulu zeminye yeminyango kahulumeni nomasipala abathile.

Umnu Edwin Mncwango ongumsungu­li walesi siteshi esizinze erichards Bay, uthi kubuhlungu ukuthi lesi siteshi sithathwa kancane ngezinye zezikhulu zikahulume­ni ekubeni senza umehluko omkhulu emphakathi­ni wakwazulu-natal.

Uthi njengesite­shi somphakath­i sikamabona­kude futhi okuyisona sodwa kulesi sifundazwe, kumele ngabe kuhle ukusebenza okukhona phakathi kukahulume­ni naso njengoba inhloso yaso kuwukuqhak­ambisa okwenzeka esifundazw­eni.

“Ngeke ngibophe ngabhande linye omasipala ngoba ikhona iminyango nomasipala esisebenza kahle nabo, futhi eyaziyo ukuthi sikhona. Nokho okungiphat­ha kabi wukuthi njengoba sizinze erichards Bay nje, singaphans­i komasipala umhlathuze nesifunda iking Cetshwayo, kodwa ukusebenzi­sana kuyagqoza ngempela kubona. Ngingaziba­la izikhawu abasakhang­ise ngazo kithina eku

beni siyakuqhak­ambisa okwenzeka ngaphansi kwabo,” kusho umnu Mncwango.

Uqhube ngokuthi kubuhlungu ngoba uma laba omasipala befuna izintathel­i zabo zizocoshel­a okwenziwa yizimeya (komasipala nasemkhand­lwini), bayazi ukuthi ikhona I-1KZN.

Umnu Mncwango uthi njengesite­shi somphakath­i, kayikho enye indlela yokwenza inzuzo ngaphandle kokuba babambisan­e nezinhlaka zikahulume­ni ezahlukene. Uthi nakuba kusashoda kodwa babambisen­e kahle nezinkampa­ni ezizimele. Lesi sikhulu sithi sesizame kaningi ukuxhumana nezikhulu ezithintek­ayo kodwa kunhlanga zimuka nomoya njengoba kunalokho sidlala izethembis­o.

Okunye lesi sikhulu esikhala ngakho, wukuthi uma lesi siteshi senze imicimbi yokubungaz­a impumelelo yaso, bayazibiza izikhulu eziphezulu zikahulume­ni okubalwa kuzona nongqongqo­she futhi bafike benze izethembis­o, kodwa ngemuva kwalokho kucwebe iziziba.

Uphinde wakhala kakhulu ngoMnyango wezobuciko namasiko Kwazulu-natal, awuchaze njengoduku­za ebumnyamen­i uma kuziwa ezintweni zokuthuthu­kisa amaciko.

“Njengesite­shi, sisebenza kakhulu ngamaciko, kanti ahlale efika esikhalela, siwanike ithuba lokuqhakam­bisa amakhono awo kodwa umnyango usishaya indiva.

"Lo mnyango wakhe isikhungo lapha ebay kodwa esingakaze sisebenze, kuyimanje lesi sikhungo kasenzi lutho siyonakala.

“Bekunani ukuba sibambisan­e nawo umnyango, sisebenzis­e leli bhilidi ngoba lizobhidli­ka maduzane,” kukhala umnu Mncwango.

Uthi banezinhle­lo zokuthuthu­kisa amaciko baphinde badlale namafilimu akhiqizwe yilabo abasafufus­a kodwa umnyango kawazi nokuthi kunesitesh­i salolu hlobo.

Umnu Mncwango uveze ukuthi I-1KZN ikhonjiswa iningizimu Afrika yonke ngaphansi kwedstv kanti igabe ngababukel­i abafinyele­la ku-2 million okwenza kube buhlungu uma eminye imithombo yezokusaka­za ithathelwa phezulu kunabo ngoba nakhu iphethwe ngezinye izinhlanga.

Umnu Mncwango uphethe ngokuveza ukuthi kulesi sifundazwe banamahhov­isi amathathu azinze ebay, ethekwini naseport Shepstone kanti izintathel­i zabo zicoshela kuzo zonke izinkalo zakulesi sifundazwe.

 ??  ?? UMNU Edwin Mncwango ongumsungu­li WE-1KZN TV.
UMNU Edwin Mncwango ongumsungu­li WE-1KZN TV.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa