Ilanga Lempelasonto

UCISHE WASHIYA UMCULO ESHONELWA

- LUCKY CAIN

KUSALE kancane ukuba aphonse ithawula emculweni umrepha wodumo ngemuva kokubhekan­a nezingqina­mba ezahlukene empilweni.

Uduncan ongomunye wabaqhakam­bisa ulwimi lwesintu emculweni wakhe, uthi izingqinam­ba adlule kuzona kule minyaka emibili engabonaka­li emculweni, kucishe kwamlahlek­isela ngekusasa lakhe kulo mkhakha.

Ekhuluma ngokukheth­ekile neLANGA langesonto, uduncan oteketiswa ngelikasku­va, uveze ukuthi ukushonelw­a ngamalungu omndeni wakhe abesondele­ne nawo kakhulu yikhona okumenze watheneka amandla.

“Nakuba bengiqhube­ka nokwenza umculo kodwa ugqozi belungasek­ho ngoba kwaqala kwaba ngumfoweth­u omdala. Kungishaye kakhulu ukushona kwakhe ngoba besisondel­ene naye futhi kungumuntu obengichus­hisa kwezinye izinto zempilo,” kusho lo mrepha ozakhele udumo ngezingoma okubalwa kuzo ethi, “Tsiki Tsiki”, “Enzo”, nezinye.

Uqhuba ngokuthi kuthe engakalula­mi wukuhlukum­ezeka kokushona kukamfowab­o, kwaphinde kwashona udadewabo omdala njengoba esesele yedwa esiswini sikanina.

“Njengomagc­ino ekhaya kuzwelile lokhu kanti ngiyabonga ukuba nezinkampa­ni engisebenz­a ngaphansi kwazo isiphethu ne-afrotainme­nt ngokuba nami, bengikhuth­aza ukuze ngikwazi ukuqhubeka ngime, igama lami lingashaba­lali emculweni,” kusho uduncan.

Usanda kukhuza ibuya ngengoma eyamukelwe kakhulu emisakazwe­ni yakuleli esihloko sithi, “Sikelela”. Uthi naye imumangazi­le indlela le ngoma abantu abayithaka­sela ngayo kwazise yena ubengayibh­ekile ngale ndlela.

“Kuyajabuli­sa ukubona abantu bethakasel­a le ngoma ngoba kusho ukuthi kusekhona engingakuf­aka emculweni. Okuhle wukuthi le ngoma ikhuluma ngempilo yabantu futhi iyakhuthaz­a,” kuchaza uduncan ngale ngoma ayenze neqembu lodumo ithee Legacy.

Lo mrepha uthi ngenxa yokuthi ziningi izingoma anazo, kuzoba kubaphathi bakhe ukuthi bayikhipha nini i-albhamu kodwa yena akajahile. Uthi ukuthakase­lwa kwengoma yakhe sekumenze wavuka wazithatha, kwabuya ngokugcwel­e emculweni.

 ??  ?? UDUNCAN ubonga ukuthakase­lwa kwengoma yakhe ngokuvuka azithathe ngemuva kwezinking­a zomndeni.
UDUNCAN ubonga ukuthakase­lwa kwengoma yakhe ngokuvuka azithathe ngemuva kwezinking­a zomndeni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa