UCISHE WASHIYA UMCULO ESHONELWA
KUSALE kancane ukuba aphonse ithawula emculweni umrepha wodumo ngemuva kokubhekana nezingqinamba ezahlukene empilweni.
Uduncan ongomunye wabaqhakambisa ulwimi lwesintu emculweni wakhe, uthi izingqinamba adlule kuzona kule minyaka emibili engabonakali emculweni, kucishe kwamlahlekisela ngekusasa lakhe kulo mkhakha.
Ekhuluma ngokukhethekile neLANGA langesonto, uduncan oteketiswa ngelikaskuva, uveze ukuthi ukushonelwa ngamalungu omndeni wakhe abesondelene nawo kakhulu yikhona okumenze watheneka amandla.
“Nakuba bengiqhubeka nokwenza umculo kodwa ugqozi belungasekho ngoba kwaqala kwaba ngumfowethu omdala. Kungishaye kakhulu ukushona kwakhe ngoba besisondelene naye futhi kungumuntu obengichushisa kwezinye izinto zempilo,” kusho lo mrepha ozakhele udumo ngezingoma okubalwa kuzo ethi, “Tsiki Tsiki”, “Enzo”, nezinye.
Uqhuba ngokuthi kuthe engakalulami wukuhlukumezeka kokushona kukamfowabo, kwaphinde kwashona udadewabo omdala njengoba esesele yedwa esiswini sikanina.
“Njengomagcino ekhaya kuzwelile lokhu kanti ngiyabonga ukuba nezinkampani engisebenza ngaphansi kwazo isiphethu ne-afrotainment ngokuba nami, bengikhuthaza ukuze ngikwazi ukuqhubeka ngime, igama lami lingashabalali emculweni,” kusho uduncan.
Usanda kukhuza ibuya ngengoma eyamukelwe kakhulu emisakazweni yakuleli esihloko sithi, “Sikelela”. Uthi naye imumangazile indlela le ngoma abantu abayithakasela ngayo kwazise yena ubengayibhekile ngale ndlela.
“Kuyajabulisa ukubona abantu bethakasela le ngoma ngoba kusho ukuthi kusekhona engingakufaka emculweni. Okuhle wukuthi le ngoma ikhuluma ngempilo yabantu futhi iyakhuthaza,” kuchaza uduncan ngale ngoma ayenze neqembu lodumo ithee Legacy.
Lo mrepha uthi ngenxa yokuthi ziningi izingoma anazo, kuzoba kubaphathi bakhe ukuthi bayikhipha nini i-albhamu kodwa yena akajahile. Uthi ukuthakaselwa kwengoma yakhe sekumenze wavuka wazithatha, kwabuya ngokugcwele emculweni.