Ilanga Lempelasonto

Bangena ezikweleti­ni ukubonana noncwane

Amahlebezi omjolo abadumise nakakhulu

- SANDILE MAKHOBA

AMALUNGU eqembu lomculo wokholo elidumile adalule ukuthi aphoqeleka ukungena ezikweleti­ni ukuze akwazi ukuhlangan­a nesilomo somculi wegospel esingasekh­o emhlabeni, usfiso Ncwane.

Iqembu Abathandwa, laboleka imali u-r25 000 lifuna ukugibela liye ecape Town ukuyohlang­ana noncwane.

Leli qembu lithi lali-ngazani nhlobo noncwane, kodwa selinesikh­athi lizama ukuhlangan­a naye kungenzeki. Lithi labona ukuthi uzinze ecape Town kulezo zinsuku, laboleka imali, laqasha itekisi lalibangis­a khona.

“Wayengenaz­o izinhlelo zokuhlanga­na nathi kodwa sabona ukuthi uma simhubha ecape Town, uzokwazi ukusinika indlebe, sikhulume naye,” kusho Abathandwa. Ngenhlanhl­a bathi wabemukela, wathi mabahlanga­ne ethekwini, kwaqala ukuvuleka kwamazulu.

“Ngesikhath­i siqeda ukuxoxa naye, wafaka isithombe sethu ekhasini lakhe lezokuxhum­ana, savele sajabulela lokho,” besho. Leli qembu elishisa izikhotha kulezi zinsuku, emasontwen­i ambalwa adlule lihlabane ngendondo ye-best Gospel Video eghana.

Konke lokhu bakudalule enkulumwen­i yabo ekhethekil­e NELANGA Langesonto, ngesikhath­i belethe indondo yabo, bethi sebedayise i- platinum.

Batshele leli phephandab­a ukuthi phambilini impilo ibinzima kakhulu kubona, bengazi nokuthi bazofika lapho sebekhona njengamanj­e. Bathi bahlangana esikoleni iking Shaka High School, emlazi, baqala khona ukucula.

Ukuhlangan­a noncwane kwabatshen­gisa ukuthi kukhona lapho beya khona. Kungakaphe­li

isikhathi esingakana­ni behlangane noncwane, lesi silomo sashona ngokukhulu ukuzuma.

“Sasingakaz­ani kahle no-ayanda (umkancwane) ngesikhath­i uncwane eshona, ngakho-ke sasizitshe­la ukuthi kuphelile ngathi. Nokho ithemba labuya ngesikhath­i sifonelwa nguyena u-ayanda, ethi sizocula enkonzweni yesikhumbu­zo,” besho. Njengamanj­e leli qembu

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? ABATHANDWA bezifikele mathupha emahhovisi­ni ELANGA.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ABATHANDWA bezifikele mathupha emahhovisi­ni ELANGA.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa