Ilanga Lempelasonto

Owozalo usengena shi kwezobuhle bemfashini

- AYANDA BUTHELEZI

USEZINHLEL­WENI zokungena shi kwezobuhle nezemfashi­ni, umlingisi kamabonaku­de ophinde abe ngumsakazi, ukhaya Dladla, ozakhele olukhulu udumo engugc emdlalweni uzalo, okhonjiswa ngomsombul­uko kuya kuLwesihla­nu ngo-20h30 KWISABC 1.

Kuleli viki lesi silomo sigabise ngomkhiqiz­o waso wamateki ezinga eliphezulu, elebuli i-ekhaya. Uphinde waveza ukuthi akazukugci­na ngawo, kodwa usezinhlel­weni zokwenza izikhwama, izicathulo zabesifaza­ne ezingama- stilettos neziqholo imbala.

La mateki anemihlobi­so engama- spikes, kanti aphinde abe nemibhalo esakubinge­lela, elotshwe ngezilimi ezahlukene kubalwa "usawubona, avuxeni, molweni” nezinye izilimi.

Uthe atholakala ngazo zonke izilimi ezisemthet­hweni, kodwa okwamanje basakhiqiz­a kuphela ngokwezice­lo zabathengi.

Uma echaza nge-ekhaya, okuyilebul­i engaphansi kwenkampan­i yakhe, ikhaya Entertainm­ent Guru, uthe angawabant­u ababeka phambili ubuntofont­ofo, isitayela esiphambil­i nobuhle.

“Bengifuna uhlobo oluthile lomkhiqizo.

"Nokho ngehluleke ngancama ukuthola abakhiqizi baseningiz­imu Afrika engingaseb­enzisana nabo. Emuva kocwaningo olunzulu, ngigcine ngithole abaseturke­y, okuyibona engisebenz­isana nabo,” esho.

Uthi lunzulu ucwaningo alwenzile kusukela ekukhethen­i indwangu kuya emihlobisw­eni yawo nokunye.

Uthi imumangazi­le indlela

umkhiqizo wakhe owemukelwe ngayo kangangoba osaziwayo okubalwa kubona usomizi, umculi udladla Mshunqisi nomlingisi ubaby Cele, ngabanye abaphumele obala bencoma umsebenzi wakhe omuhle.

Uthe lesi kuseyisiqa­lo sephupho lakhe lokuba sendimeni yezobuhle nemfashini.

“Ngisebenzi­sana nethimba elinentshi­sekelo efana neyami. Yingakho kumanje simatasa ngezinye izinhlelo esingangen­a kuzona okubalwa iziqholo, izikhwama nezicathul­o.

"Ngalokhu akusho ukuthi ngeke ngisaqhube­ka nemisebenz­i abaningi abangaze ngayo njengokuba ngumlingis­i nomsakazi.

Empilweni ngifundile ukuthi ukuze ukhule kumele uphilisane futhi ubambisane nabantu ngoba akekho umuntu oyihlane,” esho.

Okwamanje uthe la mateki atholakala ngokuwa-oda online.

ayandab@ilanganews.co.za

 ??  ?? USENGENE kwezemfash­ini ukhaya Dladla. LENA ngeminye yekhikhiqi­zo yamateki ayizinhlob­o ezahlukene kakhaya.
USENGENE kwezemfash­ini ukhaya Dladla. LENA ngeminye yekhikhiqi­zo yamateki ayizinhlob­o ezahlukene kakhaya.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa