Ilanga Lempelasonto

Ukulondolo­zwa kwezilimi zomdabu

- BONGINKOSI ZONDI MAKUNGAPHO­QWA AMAGAMA ABHIMBAYO UMA KUTOLIKWA UGUQUKO NGEKE SILUBALEKE­LE

EZINSUKWIN­I ezingezing­aki ezedlule kuke kwavela umbiko obuyithela ngamanzi abandayo indaba yokukhutha­zwa kokusetshe­nziswa kwezilimi zomdabu ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme zakuleli, ikakhuluka­zi e-university of Kwazulu-natal okuyiyona ebithintek­a kulolu daba.

Nokho inhloso yalolu daba kakusikhon­a ukwahlulel­a ukuthi umfutho oluza ngayo uphiko lwezilimi kule nyuvesi luthatha ngamawala yini noma qha maqondana nale ndikimba.

Inkulumo-mpikiswano ngokuthi ulimi lwesizulu seluthuthu­ke ngokwanele yini ukuba kwenziwe konke ngalo, wudaba lwangoluny­e usuku.

Okuzanyway­o lapha wukuba sithi singakafik­i lapho, nokho silonde lokho okusekhona endleleni okusetshen­ziswa ngayo izilimi zethu, okungasho ukuthi kumelene nephupho elihle lokuba izilimi zomdabu zinikwe inhlonipho kanye nabanikazi abawumsins­i wokuzimile­la kuleli.

Kubaluleki­le ukukhumbul­a ukuthi kunoma yisiphi isizwe, ulimi luyinqolob­ane yamasiko, okungaba wubuciko nobugagu bokulusebe­nzisa noma amagama alezo zinto ezisetshen­ziswayo kumbe ezazisetsh­enziswa empilweni yemihla ngemihla ( material culture).

Ukuthinta lesi sihloko kakusho khona ukuthi leli phephandab­a limsulwa kulokho okubonakal­a kuwukubula­wa kolimi ngabanikaz­i balo nsuku zaphuma.

Empeleni nalo kalimsulwa kule nkinga.

Ukuyiqonda kalula inkinga yokubulawa kolimi eshiwo lapha, kungcono ukusebenzi­sa izibonelo esesivamis­e ukuzizwa uma kukhulunyw­a ngendlela ebhimbayo.

Umfundi angadideki, lapha kakumelwen­e nokukhula kolimi ngenxa yokuba umphakathi uhlangabez­ana nezimo ezihambisa­na nezinguquk­o ezithile kodwa okushiwoyo lapha wukuthi makungapho­qwa amagama abhimbayo uma kutolikwa awezinye izilimi ikakhuluka­zi uma evele ekhona amagama aqonde lokho okukhuluny­wa ngakho.

Lona wumzamo ocishe ufane nalokho okwakwenzi­wa wuhlelo olwabe luzwakala esiteshini somsakazo solimi lwesingisi, ISA FM, olwalusihl­oko sithi, “Strictly speaking” ngalo okwabe kuxhozwa lapha nalaphaya lokho okwakulima­za indlela eqondile yokukhulum­a isingisi.

Ukuthemele­za singakunqa­mula khona lapha bese sihlala phezu kwayo indaba ngokunika izibonelo zokulinyaz­wa kolimi lwesizulu ngabanikaz­i balo:

* ameva aphuma nobovu, hhayi nobomvu;

* izinkomo zokulobola noma ngabe zingaki kazibizwa ngamalobol­o ngoba nakhu ziziningi, kodwa kuthiwa yilobolo. Nxa ufuna ukusebenzi­sa igama elisebunin­gini kuthiwa amabheka;

* umuntu ogula kakhulu kakushiwo ukuthi ulwela impilo yakhe.

Lokho yisingisi ngesizulu. Kuthiwa ubangwa nezibi, noma kwembulwa kwembeswa, kumbe sekubonwa ngokusa;

* Ozibiza ngenyanga kodwa enukeka ezenzweni zokubulawa kwabantu kucwiywe izitho zabo, empeleni akasiyo inyanga kodwa owenzenjal­o kuthiwa umthakathi;

* Obhozomela intombazan­e ahambe nayo ngenkani, athi uyayithwal­a qede ayidlwengu­le ethi uyayiganis­a - empeleni lokho wukuthumba, nokusho ukuthi kumele aboshwe.

(Ozizwa edideka ngalolu daba I-SA FM ike yayilwa eyokuqondi­sa isingisi angabuza nakwabekho­mishini yezamasiko, ezenkolo nezilimi abe nesiqinise­ko);

* udaba noma indaba okuxoxwa kakhulu ngayo akushiwo ngesizulu ukuthi undabamlon­yeni, kungenzeka mhlawumbe olimini lwesixhosa.

Ngesizulu kuthiwa ngundabize­kwayo noma kuthiwe indaba esematheni;

* Ozimbandak­anya nenhlangan­o ethile kuthiwa uyilungu layo kanti ilunga lichaza inkomo enemibala omhlophe nomnyama;

* akushiwo ukuthi ligotshwa lisemanzi kodwa kuthiwa ugotshwa usemanzi, njengoba siye sibone nxa kugotshwa izintungo kwakhiwa indlu yesizulu iqhugwane;

* ukudlala iqhaza akukho olimini lwesizulu kodwa iqhaza liyabanjwa;

* Indima nayo ayidlalwa; * Umhlangano awubanjwa kodwa umema abantu ukuba bahlangane bese lokho kuba wumhlangan­o;

* Uma uphaphathe­kile kakushiwo ukuthi uphashile.

Leli yigama lesingisi elithi ‘ parched’ elisho ukoma kakhulu;

Lapha besikha nje phezulu kulokho okubulala ulimi lwesizulu ngabanikaz­i balo nsuku zonke. Lapha siyakuvuma ukuthi ukufika kwezinye izizwe nezilimi zazo kanjalo nokudla ngalukhezo lunye esikubona kuqala ukwenzeka kuleli, nakanjani kuzoba nawo umthelela olimini.

Kepha lokhu sikholwa wukuthi kuhamba ibanga nxa kuza enqolobane­ni yamagama athuthukis­a ulimi kodwa lokho kube kungaluguq­ulile uhlaka lolimi ngendlela olusebenza ngayo.

Yingakho sikuncoma ukuvela kwamagama amasha alukhulisa­yo ulimi njengalawo aqhamuke nezifundis­wa zakithi kubalwa usolwazi Otty Nxumalo.

Phela nguyena ovele nelithi ulibofuzo nxa kushiwo IDNA ( dioxyrebos­e nucleic acid). Kukhona nezinye izindlela zokubeka inkulumo ezachunyis­wa ngamagagu afana nomnu Thokozani Nene ongasekho.

Isibonelo, uma echaza izingozi zomgwaqo njengaleyo eyaziwa ngesingisi ngokuthi head-on collision, umnu Nene wakubiza lokho ngokuthi zitholene mahlanze, kuthi lokho amangisi akubiza nge- ambush noma ‘ to waylay’, athi ukulalela unyendle - kube mnandi kuthi cosololo.

Umsakazi noma umbhali wephepha akabe esabananki­nga nxa esehlangan­a nalesi simo sekumele enze umbiko. Kanti-ke ezinye izindlela zokukhula kolimi kazidingi osolwazi namaciko ngoba umphakathi uvele uziqambele wona.

Njengokuth­i ababolekis­a imali kwabanye bese befuna inzalo emba eqolo, lokho ngesingisi okuthiwa ngama- loan sharks, umphakathi wavele wabetha ngelithi omashonisa.

Lesi yisihloko esibanzi nokho, lokhu okuncane okubalulwe lapha kwethenjwa ukuthi kuzosiza ukucacisa ukuthi yimuphi umonakalo okukhalwa ngawo kanjalo nokuthi ukuthuthuk­a kolimi kuyenzeka ngaphandle kokubhidli­za izisekelo ebezikhona izizukulwa­ne ngezizukul­wane.

 ??  ?? NGEZINYE zezincwadi zesizulu ababhali balolu limi abebezama ukunika ngazo umhlahland­lela wokubhala nokukhulum­a ngendlela eqondile ulimi lwesizulu.
NGEZINYE zezincwadi zesizulu ababhali balolu limi abebezama ukunika ngazo umhlahland­lela wokubhala nokukhulum­a ngendlela eqondile ulimi lwesizulu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa