Ilanga Lempelasonto

NGAPHANDLE KWENKUNDLA

- NHLANHLA HUDLA

AKAHLUKANI nebhayibhe­li ugladwin Shitolo (29) ongumdlali wechippa United egijima kwiAbsa Premiershi­p.

Ushitolo uzalelwe egiyani, elimpopo. Uzalwe mhla ka-10 kuncwaba (August) ngo-1989.

Ufunde amabanga aphansi endzalama Primary School, ngaphambi kokudlulel­a egiyani High School. Kuthe esefunda ugrade 10 kwaphoqele­ka ukuba alibangise egauteng kwinkulisa yejomo Cosmos ukuyozama amadlelo aluhlaza. Ube eseqhuba imfundo yakhe e-altmont High School egoli, okuyilapho ephothule khona umatikulet­sheni.

Lo mdlali uthi ekukhuleni kwakhe ayikho into akade eyicabanga ngaphandle kokudlala ibhola. Uqale ukulidlala kwigiyani All Stars Academy ngaphambi kokuba adlulele esikhungwe­ni sejomo Cosmos.

Lo mdlali ugijime ezigabeni ezincane zecosmos kwaze kwaba unyuselwa esikimini esikhulu.

Ukudlala kahle kwicosmos kuholele ekutheni asayiniswe yiOrlando Pirates embolekise kwichippa United.

Ushitolo akasilo ivukane ebholeni lakuleli njengoba esegijime emaqenjini amaningi okungabalw­a kuwona iplatinum Stars, ilamontvil­le Golden Arrows, icosmos kanye nepirates.

Udlalile nasemaqenj­ini amancane esizwe akuleli njengoba egijime imidlalo engu-15 ku-under 23 nengu-10 ku-u/20.

Unxusa intsha ukuba ingaguquki emaphushen­i ayo uma izimisele ngokuphume­lela.

Ube esecela ukuba abashayeli baziphathe kahle kulamaholi­di ephasika ukugwema izingozi zomgwaqo.

Ingxoxo kashitolo NELANGA

Langasonto ( I/ L) ngempilo yakhe ya-ngaphandle kwenkundla ihambe kanje:

I/ L: Ukhule ungumuntu onjani?

Shitolo: Ngikhule ngingumunt­u onamaphuph­o amaningi ngempilo yami ngenhlanhl­a iphupho lami lokudlala ibhola esigabeni esiphakeme lifezekile.

I/ L: Ngabe ukhulele ekhaya elinjani?

Shitolo: Ngikhulele emndenini okholwayo umama ubeqinisek­isa ukuthi njalo ngamasonto sonke siya enkonzweni. Kuze kube yimanje nami ngiqhuba yona imiyalelo yabazali bami. Bekuthi uma umuntu engayanga esontweni ajeziswe kanzima.

I/ L: Ngabe abazali bakho basaphila bobabili?

Shitolo: Yebo basaphila ubaba ngunathani­el umama ngunancy.

I/ L: Nibangaki kwenu?

Shitolo: Sibathathu, kuqala mina kulandele umfowethu utrevor bese kugcina udadewethu unyiko.

I/ L: Ngabe uyakwazi ukupheka?

Shitolo: Ngeke ngisho ukuthi ngiyakwazi kodwa ngiyazama ngoba ngiyakwazi ukupheka izinto ezilula ezifana nerice nepapa.

I/ L: Hlobo luni lokudla olukhonzil­e ?

Shitolo: Ngikhonze ispaghetti nemince ngijabula kakhulu mangidle khona.

I/ L: Hlobo luni lomculo olukhonzil­e ?

Shitolo: Ngithanda kakhulu umculo wokholo kwazise ngikhule ngidlala wona.

I/ L: Ngabe utshabaza ngamotoni ?

Shitolo: Okwamanje angikabi nayo imoto.

I/ L: Uphatha hlobo luni lukamakhal­ekhukhwini?

Shitolo: Ngiphatha i-iphone SRC.

I/ L: Iliphi iqembu okhule ulithanda kuleli naphesheya kwezilwand­le?

Shitolo: Kuleli ngikhule ngiwumland­eli wemamelodi Sundowns kanti phesheya kwezilwand­le ngikhule ngilandela ibarcelona ngichazwa kakhulu indlela abaphasela­na ngayo kamnandi.

I/ L: Ngabe ikhona incwadi oyifundayo noma uhlelo lukamabona­kude olukhonzil­e?

Shitolo: Zikhona izincwadi engizifund­ayo ezikhuluma ngocwaning­o lwamabhizi­nisi kwazise sengiqalil­e ngilungise­lela impilo uma sengiyeke ibhola. Kumabonaku­de ngizifela nge-the Queen.

I/ L: Hlobo luni lwesiqholo osisebenzi­sayo?

Shitolo: Ngisebenzi­sa i-azarro.

I/ L: Yimuphi umkhuba oke wawugila usakhula ongasoze wawukhohlw­a?

Shitolo: Ngikhumbul­a ngelinye ilanga abazali bami beye emngcwaben­i basishiya sodwa nomfowethu. Umama uvuke wapheka kamnandi inyama. Sithe masivuka nomfowethu savuka sasidla sonke isishebo silokhu sisidla siphindele­la. Kube wukubuya emngcwaben­i wasithela uswazi.

I/ L: Yini oyifisayo nekilabhu yakho?

Shitolo: Ngifisa ukuba sisuke kule ndawo esikuyo njengoba sibalwa namakilabh­u avika izembe.

I/ L: Yini oqala ngokuyenza uma uvuka ekuseni?

Shitolo: Ngivuka ngithandaz­e ngibonge ukuphila ngaphambi kokulungis­elela ukuyojima.

I/ L: Usichitha kanjani isikhathi sakho mawungekho matasa?

Shitolo: Ngiyaye ngiziphumu­lele noma ngivakashe­le abangani bami.

I/ L: Yimalini osuke wayibhubhu­dla nabangani bakho ngobusuku obubodwa?

Shitolo: Siyaye sihlangani­se ngokulinga­nayo ukuze kungeke kulimale muntu ekugcineni.

I/ L: Yisiphi isipho osuke wasipha abazali bakho?

Shitolo: Ziningi kakhulu izinto esengizenz­ele umndeni wami kwazise yiwona ongeseka kakhulu empilweni yami.

I/ L: Ufisa ukwenzani uma usuyeka ukuba wumdlali webhola?

Shitolo: Ngifisa ukuziqhube­kela namabhizin­isi kumanje ngiyaqala ngibheka izinto ezingangis­iza ngiqale ibhizinisi ukuze ngingeke ngibe nenkinga mangingasa­dlali.

I/ L: Yiliphi izwe ofisa ukulivakas­hela phesheya kwezilwand­le?

Shitolo: Ngithanda kakhulu espain, kunezinto eziningi ezingichaz­ayo khona.

I/ L: Ngabe ukhona osondelene nenhliziyo yakho?

Shitolo: Ngizocela ukungaphaw­uli lutho okwamanje ngalokho. I/ L: Abantwana bona unabo?

Shitolo: Cha anginaye umntwana.

I/ L: Ungabalule­ka uthini abantu abafisa ukuhamba ezinyathel­weni zakho?

Shitolo: Umuntu akazethemb­e aphinde azimisele kwakwenzay­o, angavumeli ukudikibal­a kalula ngoba wonke umuntu unesabelo sakhe emhlabeni.

 ??  ??
 ??  ?? KUSUKA kwesokudla ugladwin Shitolo, umama wakhe unancy, ngumfowabo utrevor nodadewabo unyiko.
KUSUKA kwesokudla ugladwin Shitolo, umama wakhe unancy, ngumfowabo utrevor nodadewabo unyiko.
 ??  ?? UMAMA kagladwin, unancy.
UMAMA kagladwin, unancy.
 ??  ?? UDADEWABO kagladwin unyiko.
UDADEWABO kagladwin unyiko.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa