Ilanga Lempelasonto

Umdlali webucs udabukela IPMB Utd

Unyatama uthi bawafuna ephelele amaphuzu

- SENZO SOKHELA

IMINJUNJU kumdlali weOrlando Pirates ngesimo esibhekene nemaritzbu­rg United ake agijima kuyona. Ibucs izobhekana nemaritzbu­rg kowe-absa Premiershi­p ngolwesith­athu ngo-19h30 eharry Gwala Stadium, emgungundl­ovu.

Lo mdlalo ubhekwe ngabomvu ngabathand­i bebhola njengoba bekholwa wukuthi ungase ucacise ngekusasa lemaritzbu­rg kwi-absa Premiershi­p njengoba ibambe ibhuleki emsileni we-log.

Ibucs yona iwadinga ephelele njengoba isembangwe­ni wesicoco seligi nemamelodi Sundowns.

Umusa Nyatama odlala esiswini kwipirates oke wagijima kule kilabhu yakwazulu-natal uthi imuzwisa ubuhlungu into eyenzeka kule kilabhu.

“Imaritzbur­g ngidlalile kuyona futhi ngisithoko­zele isikhathi engisihlal­e kuyona, iyohlale isenhliziy­weni yami.

"Isimo ebhekene naso sinzima kodwa-ke ayikho into engingayen­za ngoba nathi sifuna isicoco seligi.

"Yiphupho lanoma yimuphi umdlali ukuba nendondo yeligi ngakho-ke yilona thuba leli alikho elinye.

"Kubuhlungu impela okuyenzaka­lelayo kodwa ngeke sibe nazwelo siyothatha amaphuzu agcwele kulo mdlalo.

"Angeke sikwazi ukulahla amaphuzu manje isikhathi esibhekene naso sinzima ngendlela eyisimanga, kufanele sinqobe yonke imidlalo esisalele.

Sizokuqini­sekisa ukuthi siyawunqob­a lo mdlalo ngoba sifuna ukuyinqoba le nkomishi,” kusho unyatama.

Imidlalo ye-absa Premiershi­p isiyonke phakathi nesonto iqhathwe kanje: NGOLWESIBI­LI

Eloftus Versfeld Stadium: Mamelodi Sundowns vs Chippa United 15h00.

E-FNB Stadium: Kaizer Chiefs vs Golden Arrows

19h30.

Ecape Town Stadium: Cape Town City FC vs Highlands Park 19h30.

NGOLWESITH­ATHU Egoble Park: Free State Stars vs Baroka FC

18h00.

Eharry Gwala Stadium: Maritzburg United vs Orlando Pirates 19h30.

Eking Zwelithini Stadium: Amazulu FC vs Supersport United 19h30.

E-old Peter Mokaba Stadium: Polokwane City vs Bloemfonte­in Celtic 19h30.

Ebidvest Stadium: Bidvest Wits vs Black Leopards

19h30.

Isimo ebhekene naso sinzima kodwa ayikho into esingayenz­a...

 ??  ?? UMUSA Nyatama we-orlando Pirates.
UMUSA Nyatama we-orlando Pirates.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa