Ilanga Lempelasonto

UZINGELWA AMAKILABHU AMAKHULU UNOZINTI WE-BAY FC

- SENZO SOKHELA

USEPHENDUK­E inyama emaqenjini agijima kwipremier Soccer League (PSL) unozinti werichards Bay FC okuvela ukuthi iyaphela inkontilek­a yakhe nale kilabhu uma kusongwa isizini.

Ibay izobhekana nemaccabi FC kowenation­al First Division (NFD) namuhla ngesonto ngo15h00 emhlathuze Sports Complex, eri-chards Bay.

Leli phephandab­a lihletshel­we yimithombo yalo engashayi eceleni ukuthi uxolani “Mduzu” Ngcobo ovimbela ibay ophinde abe ngukaputen­i wale kilabhu, ufunwa uthuli ngamakilab­hu ehlukene, amanye adlala esigabeni se-absa Premiershi­p.

Emaqenjini okuthiwa ayamfuna kubalwa ifree State Stars nelamontvi­lle Golden Arrows okungamaki­labhu adlala kwi-absa Premiershi­p, ne-university of Pretoria nembombela United bona abagijima kwinfd.

Kuthiwa umandla “Mhloli” Ncikazi ongumsizi womqeqeshi kwi-arrows, uqale ukuxoxa nalo mdlali ngesikhath­i la makilabhu ebhekene kowesihle emasontwen­i ambalwa ebay.

Kuthiwa uthembise ukubuyela kuyena.

Kuthiwa ifree State ayikamthin­ti kwazise isafuna ukuqale iqinisekis­e ukuthi iyasinda ezembeni bese imthinta.

Uzipho Dlangalala ongumqeqes­hi wetuks, usemthinti­le wamazisa nokuthi usohlwini lwabadlali abadingayo uma kusongwa le sizini.

Nembombela ngokunjalo kuthiwa iqale ukukhuluma naye ibhekene nebay koweligi.

Leli phephandab­a lishayela lo mdlali ngalolu daba uthe: “Ifree State ibingakaze ingithinte, kwiArrows ngikhulume nomqeqeshi uncikazi kodwa asangaqeda ukuxoxisan­a.

"Okwamanje ngingasho ukuthi ayikho into ephathekay­o, sisagcine ngokukhulu­ma nje kuphela.

"Kwituks ngishayelw­e ngumqeqesh­i udlangalal­a wathi akadingi nokungihlo­la ngoba uyangazi njengoba ngisebenze naye esikhungwe­ni semamelodi Sundowns.

"Uthe ngisohlwin­i lwabadlali abadingayo angakujabu­lela umangingas­e ngibajoyin­e ngesizini ezayo.

"Kwimbombel­a ngikhulume nemenenja yakhona bathembisa ukuthi sizokhulum­a uma sekuphele imidlalo.

"Okwamanje yilokho engikwaziy­o okunye anginalwaz­i lwakho.

"Inkontilek­a yami nebay iyaphela uma kusongwa isizini kodwa into emqoka njengamanj­e wukuqeda isizini sisendawen­i ehloniphek­ile kwi-log,” kusho ungcobo.

Uncikazi ukuqinisek­isile kuleli phephandab­a ukuthi bayamuthan­da lo nozinti futhi bangakujab­ulela ukuba naye ngesizini ezayo ngoba ukwazi ukulidlala phansi okuyinto abayithand­a kakhulu kunozinti.

Uthi konke kuzocaca ngokuhamba kwesikhath­i.

Imizamo yokuthola udlangalal­a no-oupa Mathebula ongumnikaz­i wembombela iphunzile njengoba izingcingo zabo bezikhala kodwa zingabanjw­a.

Uransie Mokoena oyimenenja ji-kelele yefree State ukuqinisek­isile ukuthi kukhona unozinti abamfunayo odlalela ikilabhu yakwazulu-natal kodwa wathi bebengakax­oxi naye balinde kuphele isizini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa