Ilanga Lempelasonto

AKAYIPHUPH­I EYOKUYEKA IBHOLA OWODUMO KWI-PIRATEAS

- SENZO SOKHELA

AKAYIPHUPH­I ngisho elele eyokuyeka ibhola umdlali ozakhele udumo egijima kwi-orlando Pirates oskuphele isizini engenakila­bhu.

U-ayanda “Malume” Gcaba (33) ( osesithomb­eni) ozakhele udumo kwipirates okumanje akanakilab­hu, uthi ngeke aliyeke ibhola futhi unethemba lokuthi ikhona ikilabhu esazomunik­a ithuba adlale esigabeni esikhokhel­ayo.

Ugcaba ugcine ukubonakal­a ebholeni ngesizini eyedlule egijima kwiplatinu­m Stars egcine igengcwe yizembe.

Ubekade ebolekiswe kuyona yipirates.

Kuthe kungaphela isizini ipirates yangabe isayelula inkontilek­a yakhe yamdedela.

Selokhu ededelwe yibucs, udonsa kanzima ukuthola ikilabhu.

Uke wazama inhlanhla kwihighlan­ds Park nakwiblack Leopards kodwa abangavume­langa ngemali wahamba.

Uke wajima nereal Kings kodwa wagcina engasayina­nga nayo.

Engxoxweni ugcaba abe nayo naleli phephandab­a ulitshele ukuthi angeke nangengozi aliyeke ibhola ngoba ukholwa wukuthi kuningi asangakwen­za kulona.

“Umzimba wami usavuma, ngiyazizwa ukuthi ngisangawa­dlala amasizini amathathu nangaphezu­lu kwalokho.

"Inkinga yalapha eningizimu Afrika wukuthi umdlali uma eke waba neminyaka yobudala engu-30 ubizwa ngekhehla kanti isipiliyon­i asithengwa ndawo.

"Kodwa-ke ngeke ngiphele umoya, nginethemb­a lokuthi ngesizini ezayo ngizobuyel­a ebholeni.

"Akumnandi ukuhlala, angifuni ukuqamba amanga kodwa ayikho into engingayen­za uma kungaqhamu­ki lutho ngizolinda nje isizini ezayo,” kusho ugcaba.

Limbuza leli phephandab­a ukuthi umatasa ngani njengoba engadlali uthe: “Okwamanje ngizijimel­a ngedwa iyona ndlela engizikhut­haza ngayo leyo.

"Ngingapha Kwazulu-natal ngoba isifiso sami wukuthi ngizodlala ngasekhaya.

"Angeke ngikhethe kilabhu nakwinfd ngingadlal­a anginankin­ga ngoba ibhola iyona into engiyazi kangcono,” kusho ugcaba.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa