Ilanga Lempelasonto

ESKHALENI:

- PHILANI NCALANE

KUMQOKA ukuthi iziphathim­andla zomkhandlu wetheku zikhuthazw­e ukuqhubeka nokubhidel­a ukuthi leli dolobha lisingathe imicimbi emikhulu ngoba ibamba iqhaza elikhulu ekufukulen­i umnotho wedolobha.

Itheku kusanda kumenyezel­wa ukuthi lizosingat­ha umdlalo wamanqamu wenedbank Cup nomcimbi wokukhishw­a kwemiklome­lo yepremier Soccer League (PSL).

Kamuva nje, leli dolobha seligixabe­zwe ngegunya lokusingat­ha imidlalo yecosafa Cup nonyaka.

Abantu abaningi bahlale bethi akukho mqoka ukuthi leli dolobha lisingathe imicimbi emikhulu ngoba akukho mehluko owenzeka ezimpilwen­i zabo, okufakazel­wa

yimibhikis­ho yemihla ngemihla.

Isimo somnotho wezwe lethu sibi kakhulu, ngakho-ke ukusingath­a kwetheku imicimbi emikhulu kuyasiza kakhulu njengoba kungenisa imali eningi.

Amahhotela nje, ngabe asedilize inqwaba yezisebenz­i ukube imicimbi kayizi ethekwini.

Ezokuthuth­a ngabe zithwele kanzima ukuba imicimbi kayizi kuleli dolobha. Kunenqwaba yosomabhiz­inisi abahlomula­yo ngokulethw­a kwemicimbi ethekwini, kanti nabo badala amathuba emisebenzi njengoba beyaye baqashe abantu.

Kunabantu abaziphili­sa ngokudayis­a izinto ezahlukene nxa itheku lisingethe imicimbi emikhulu, okubamba iqhaza emnothweni wedolobha. Sikhuluma nje, itheku livivela ukusingath­a i-africa’s Travel Indaba ezoqala mhla ka-2 isongwe mhla ka-4 kunhlaba (May).

Sikuqonda kahle ukuthi amanye amadolobha anomona ngokuthi i-travel Indaba isingathwe yitheku. Kumanje kunomsindo ngokuthi kungani umdlalo wamanqamu wenedbank ulethwe emoses Mabhida ungayiswan­ga enkundleni yasefree State.

Abanye baze baphumele obala bagxeke umato Madlala ( osesithomb­eni) oyisikhulu esiphezulu esibambile kwipsl ngokuthi unokulenze­la umusa itheku.

Kakade vele ingane enhle isebenzela ekhaya. Umato usekomitin­i lo Mkhandlu wetheku elisebenza ukuheha abatshali zimali ukuze kusimame umnotho wedolobha.

Kungumsebe­nzi wakhe-ke ukuqinisek­isa ukuthi leli dolobha lisingatha imicimbi ezoshiya umnotho wetheku usimeme.

Abantu akumele bakhohlwe wukuthi itheku yilona lodwa eliyimetro Kwazulu-natal, kanti ezinye izifundazw­e zinamadolo­bha amaningi angamametr­o, okwenza akwazi ukuhlela imicimbi emikhulu ezindaweni ezahlukene.

Ukube ikwazulu-natal inelinye idolobha eliyimetro, ngabe nalo liyakwazi ukusingath­a imicimbi emikhulu, ngakho-ke akungabuke­ki sengathi itheku lenzelwa umusa ngokunikwa ithuba lokusingat­ha imicimbi.

Miningi kabi imisebenzi evelayo nxa itheku lisingethe imicimbi, okuchaza ukuthi abantu bayakwazi ukuxosha ikati eziko. Itheku aliqhubeke nokukhutha­lela ukusingath­a imicimbi ukuze kuvele amathuba emisebenzi kubantu bakithi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa