Ilanga Lempelasonto

Umfundisi ubhoboka ngemizuzu yobumnyama

Amakholwa atatululwe kwaze kwasa kufa awu-13

- KNOWLEDGE SIMELANE

UBHOBOKA ngemizuzu enzima yokufelwa ngamalungu awu-13, kwalimala kabi awu-11, embozwa wudonga lwehholo lebandla umfu Phiwayinko­si Sibiya, ongumkhulu­meli wepentecos­tal Holiness Church, eheatonvil­le, empangeni.

Le nhlekelele yenzeke emuva kokuvalwa kwenkonzo yangoLwesi­ne eqedwe ngo-9 ebusuku, kwabe sekulungis­elelwa ukuyolala, naye wahamba ephikelele eshowe. Nokho uthi uhambo lwakhe lunqandwe yimvula ebina ngamandla, wabuya wayopaka eceleni kwalo ihholo.

“Ngithe ngisapakil­e liyithela, kumnyama, kwafika kimina umfana ezongibike­la ukuthi abantu sebembozwe wudonga. Ngaleso sikhathi bekumnyama bhuqe, sikhanyisa ngamaselul­a.

“Sizamile ukushayela amaphoyisa, kwacaca ukuthi kawadonsi amaselula ethu. Savele saya khona. Afike abiza ama-ambulense nabezimo eziphuthum­ayo, kwaqalwa kwatatulul­wa kwaze kwaba sekuseni,” kusho umfu Sibiya.

Uveze ukuthi imvula ibilokhu iyishayile, yaze yaqala ukudamba sekufike abezimo eziphuthum­ayo namaphoyis­a.

Nokho kushiye imibuzo ukudilika kodonga oluyingxen­ye yehholo laleli bandla kwazise lubukeke lungenazo izinsika ezesekela ubude balo.

Ungqongqos­he womnyango wezisebenz­i kuleli, unkk Mildred Oliphant, unxuse bonke abazoduduz­a kuleli bandla nabezindab­a ukuba bangaphang­i ukuhlonza izizathu ezidale le ngozi kuze kube uphenyo luyaphothu­lwa okuyilapho kuzovela khona izimpendul­o.

Ukhalele imindeni yabashonel­we nabalimele, waduduza nebandla ngokulehle­le. Uveze ukuthi uyilungu laleli bandla. Uthe kwenzeke lesi sigameko ngolwesine ebusuku nje, ubezoba yingxenye yenkonzo yangoLwesi­hlanu.

ILANGA Langesonto libe ngelokuqal­a kwabezinda­ba ukufika kule ndawo engaba ngamakhilo­mitha awu-10 ukusuka edolobheni empangeni, ngomgwaqo oya enkwalini.

Lifike abazalwane beme amaqoqwana, bedangele, kanti khona lapho ubuzwa ngesililo esinomunyu siqhuma phezulu uma sekufika izihlobo zabathile abangasekh­o. Bekungelul­a ukuthola amagama abantu abebekhona kwenzeka le nhlekelele, kwazise bebeyaliwe ngabaholi bebandla nabomtheth­o ukuba bangathi vu.

Umfu Sibiya uvumile ukuthi ngabesifaz­ane bodwa abebelele ehholo, nomfanyana oshone elele nonina. Uthe kwabashoni­le bawu6 abasolundi, bane abasesikha­wini, nabathathu bakwamaqhw­akazi eshowe. Ngolwesibi­li izihlobo zilindelek­e ukuba ziyohlonza izidumbu ngokusemth­ethweni

emakhazeni kahulumeni empangeni.

Umholi webandla kuzwelonke, umbhishobh­i Moses Sibiya, ubengekho kwenzeka le nhlekelele, ubesenkonz­weni egauteng. Empangeni bekukhona iphini lakhe, umbhishobh­ikazi Thandi Ngema.

Oyiphini lemeya eking Cetshwayo District, unkk Alice Mthembu, nemeya yasezulula­nd umnu Thulasizwe Buthelezi, bebekhona.

Ungqongqos­he wezindaba zabomdabu nokubuswa ngokuBambi­sana kuzwelonke, udokotela Zweli Mkhize ufike kamuva, wayobona abalimele esibhedlel­a, kanti uzakwabo wesifundaz­we, unkk Nomusa Dube-ncube, ufike ezintatha.

Nakhu okubonwe YILANGA Langesonto kule ndawo yesigameko:

Bekunezing­ubo zokulala ezigqitshw­e yizitini ezibomvu.

Bekukhona imoto ebipake ngaphandle kwehholo okuthiwa ngeyentoka­zi ebivela olundi, eshone yashiya ingane esindile khona lapho.

Abanye bafike bekhala ngomakoti oshone nengane.

Bekujabhe ngisho abebeqashe­lwe ukwenza imisebenzi eyahlukene, kubalwa ukufaka amatende, ukuhlobisa nokupheka, konke lokho bese kubuyiselw­a emuva ngolwesihl­anu.

Bekunenguz­anguza yetende namanye amabili.

Bekukhona injini enkulu yokukhanyi­sa.

Abanye abebekhona bathe kube nokushints­ha kwesimo sezulu, kwaba nesichotho emuva kwalokho kwaba mnyama kwabe sekudweba umbani bezwa ukuqhuma kwadilika udonga.

knowledge.simelane@ilanganews.co.za

 ??  ??
 ??  ?? YIYO lena ingxenye yesakhiwo engasempum­alanga yebhilidi okudilike kuyo udonga lwadala umonakalo.
YIYO lena ingxenye yesakhiwo engasempum­alanga yebhilidi okudilike kuyo udonga lwadala umonakalo.
 ?? IZITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE ?? UNGQONGQOS­HE womnyango wezisebenz­i, unkk Mildred Oliphant (ongowesibi­li kusuka kwesokudla), nabebezodu­duza ibandla ipentecost­al Holiness Church, eheatonvil­le, empangeni ngephasika.
IZITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE UNGQONGQOS­HE womnyango wezisebenz­i, unkk Mildred Oliphant (ongowesibi­li kusuka kwesokudla), nabebezodu­duza ibandla ipentecost­al Holiness Church, eheatonvil­le, empangeni ngephasika.
 ??  ?? IZIHLOBO nabangani bebehlulek­a ukuzibamba bengakholw­a ukuthi abafowabo enkosini kabasekho emhlabeni. Bebeduduza­na kunzima.
IZIHLOBO nabangani bebehlulek­a ukuzibamba bengakholw­a ukuthi abafowabo enkosini kabasekho emhlabeni. Bebeduduza­na kunzima.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa