Ilanga Lempelasonto

Abaculi nencwadi yezikhalo kuramaphos­a

- LUCKY CAIN

USUDALE uqhekeko phakathi kwabaculi nabalingis­i umthethosi­vivinywa obizwa ngecopyrig­ht Amendment neperforme­rs Protection Amendment Bill osekubambe ukuba usayinwe ngumengame­li wezwe umnu Cyril Ramaphosa ukuwuphasi­sa ukuba wumthetho.

Lo mthethosiv­ivinywa uvuna abalingisi, kawubalwel­i abaculi osekudale ukuthi (abaculi) babhalele umengameli incwadi ephuthumay­o, bemnxusa ukuba angaqale awusayine lo mthethosiv­ivinywa.

Bathi uvikela abalingisi kuphela.

Phakathi kwabakhala ngakho laba baculi, bathi le mithetho izobacinde­zela emisebenzi­ni yabo njengoba ingasho lutho ngokuhlomu­la kwabo emculweni wabo uma udlalwa phesheya noma emafilimin­i.

Ngakolunye uhlangothi, abalingisi bathi sesiside isikhathi lo mthetho-sivivinywa waphasiswa ephalamend­e nakwinatio­nal Council of Provinces, bona banxusa ukuba umengameli awusayine.

Phakathi kwabaculi ababhalele umengameli le ncwadi kubalwa uzwai Bala, uyamikani Janet Banda (Lady Zamar), uclaire Johnston (Mango Groove), utheo Kgosinkwe nonhlanhla Nciza (Mafikizolo) ( abasesitho­mbeni), unkosinath­i Maphumulo (Black Coffee), urefiloe Phoolo (Cassper Nyovest), uthemba Sekowe (DJ Maphorisa), untokozo Mdluli (KO) nomdu Masilela.

Umnu Phatud Mphahlele, wenhlangan­o yabaculi nabashicil­eli, imposa, utshele leli phephandab­a ukuthi kabanankin­ga nomthetho-sivivinywa weperforme­rs Protection Amendment ngoba ucacile kodwa banenkinga nowecopyri­ght Amendment.

“Lo mthetho-sivivinywa kawucacisi kahle ngokuvikel­eka kwabashici­leli bomculo kanti uvulelekil­e yingakho sinxusa umengameli ukuba awubuyisel­e emuva bawubuyeke­ze ukuze sonke sivikeleke,” kusho umnu Mphahlele.

Umnu Mabutho Kid Sithole, ongumengam­eli wenyunyana yabaculi, icreative Workers Union, uthe usezwile ngokukhala kwabaculi kanti ngolwesith­athu bazoba nomhlangan­o mayelana nalezi zikhalo zabo.

“Sizobheka izikhalo zabo bese sithatha isinqumo ngoba kumele umthetho ophasisway­o uvikele wonke umuntu, ungakhethi iphela emasini. Njengenyun­yana emele wonke amaciko, kuwumgomo wethu ukuqinisek­isa ukuthi akekho ozuza ngokucinde­zela omunye,” kusho umnu Sithole.

Okhulumela ihhovisi likamengam­eli, unkk Khusela Diko, uthe ubengakezw­a ngale ncwadi, ngakho ngeke akwazi ukuphawula ngayo ngoba akanaso isiqinisek­o sokuthi isifinyele­le yini ehhovisi likamengam­eli.

Ngakolunye uhlangothi, umarang Setshwaelo wenkampani idream Catcher, esabalalis­e le ncwadi kwabezinda­ba, ukuqinisek­isile ukuthi le ncwadi bayithumel­e ehhovisi likamengam­eli.

 ?? ISITHOMBE NGABE: TWITTER ?? UNHLANHLA Ncinza notheo Kgosinkwe bemafikizo­lo ngabanye babaculi ababhalele umengameli Cyril Ramaphosa incwadi yezikhalo.~
ISITHOMBE NGABE: TWITTER UNHLANHLA Ncinza notheo Kgosinkwe bemafikizo­lo ngabanye babaculi ababhalele umengameli Cyril Ramaphosa incwadi yezikhalo.~
 ??  ?? UNHLANHLA Ncinza notheo Kgosinkwe bemafikizo­lo.
UNHLANHLA Ncinza notheo Kgosinkwe bemafikizo­lo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa