Ilanga Lempelasonto

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

- SEBASTIAN JILI NGOBANI ABAZALWA NGALE NYANGA? PHAKATHI kosaziwayo abazalwa ngale nyanga sibala ungqongqos­he ophethe amaphoyisa umnu Bheki Cele.

ZAMA ukulalela lokhu okuzwa ngaphakath­i bese uyakwenza. Uma kukhona osukutholi­le ukuthi kakuhambi ngendlela eqondile okuthinta impilo yakho, kumele ukulungise ngokuphuth­uma.

ARIES (March 21-April 19)

ZIFUNDISE ukubambele­la kulokho okuwumgogo­dla wekusasa lakho. Imicabango yakho idinga ukuguqulwa kancane ukuze uzokwazi ukuba ubone lapho ophikelele khona.

TAURUS (April 20-May 20)

NOMA unemiseben­zi eminingi, kodwa qikelela ukuthi osukuthint­ile kuyaphumel­ela. Ungakhuphu­ka umfutho ngezinhlel­o zekusasa uma uxhumene nabantu abakukhuth­azayo.

GEMINI (May 21-June 21)

UZOZIBONEL­A wena ukuthi sikhulu kakhulu isidingo sokuba wonge. Qaphela ukuthi imibono onayo ihambisana nezinhloso ezimsulwa. Umqondo wakho uzoba nokukhumbu­la izehlo ezindala kakhulu.

CANCER (June 21-July 22)

ISISEKELO sokuphumel­ela kwakho sizoncika emqondweni obuka phambili. Kuzodingek­a ungachezuk­i nakancane esifisweni sakho. Uzokwazi ukumelana nezimo ezahlukene zempilo.

LEO (July 23-August 22)

UKUYA phambili kwakho kungaphaza­nyiswa wukucabang­a imuva. Okumele ukubeke phambili wukuthi ikusasa lakho ngeke lakhiwe ngamaphuth­a enzeke izolo.

VIRGO (Aug 23-Sept 22)

QAPHELA ukwenza izinqumo ucasukile. Unesibindi sokwenza noma yini ngenxa yezimo osudlule kuzona empilweni. Umqondo wakho uyathatha uyabeka ngokumele ukwenze ukuthuthuk­isa iqophelo lokuphila kwakho.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

QALA kabusha uma kukhona lapho obonayo ukuthi kakuhamban­ga kahle khona. Njengamanj­e engqondwen­i yakho kuphithize­la izifiso eziningi ikakhuluka­zi ezikhethek­ile.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

UKUVEZA amasu athile ikakhuluka­zi kwezemali, yikhona okukuthuth­ukisayo. Kumele uqikelele ukuthi izindaba ezithinta umndeni wakho zilungisiw­e. Kuzomele ufunde isifundo esisemqoka kuzo zonke izinselelo obhekana nazo.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

SEKUMELE ubheke phambili kakhulu ngempilo yakho ngale kokwesaba ukwahlulek­a. Umqondo wakho kumele ugxile ezintweni ezisemqoka kakhulu. Njalo kumele uthathe isinqumo esiphusile ngekusasa lakho.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

KUMELE ulangazele­le ukuba nolwazi olunzulu ngalokho okwenzeka eduze kwakho. Uzizwa usemdlandl­eni wokwenza izinto ezahlukene ngempilo.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

PHOKOPHELE­LA phambili nokulungis­a izinto ezithinta wena ezingalung­ile. Kumele ulalele okusemqond­weni wakho ukuze uzokwazi ukwenza isinqumo esiqotho. Ukuphumele­la kwakho kokunye kuzokwenza ukuba ukhululeke ekwenzeni noma yini.

PISCES (Feb 19-March 20)

UMQONDO wakho udinga ukukhunjuz­wa ngezidingo ezisemqoka. Ulwazi onalo lufana nembewu edinga ukuniselwa. Impumelelo yakho ibuye ihambisane kakhulu nokungacac­i kahle kwezinto zakho.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa