Ilanga Lempelasonto

USHENGE UHLONISHWE NGUPOPE FRANCIS

- KNOWLEDGE SIMELANE

ISEMUKELE ngamazwi athi “ukristu uyaphila” isipho esiyisibus­iso esivela kupope Francis ongcwele, oyinhloko yebandla lamakhatho­lika emhlabeni wonke jikelele, inkosi Mangosuthu Buthelezi, emcimbini obuyisipes­heli ibongwa yileli bandla olundi izolo.

Lo mcimbi ubuhlelwe yisifundab­hishobhi saseshowe ngaphansi kobuholi bukasomhle­kazi Xolelo Khumalo, ebandleni ikwamalusi Omuhle Catholic Church olundi. Kubuye kwabongwa ngokuhlang­anyela ufata Natalis Mjoli, oyintanga yenkosi Buthelezi.

Kuqale kwendlalel­a ufata Aquilin Mpanza, othe beyibandla banqume ukuba bababonge besaphila ngegalelo labo ebandleni lamakhatho­lika.

Uthe inkosi Buthelezi yenze umnikelo omkhulu ebandleni labo. Uthe inkosi Buthelezi yaze yakha isikole Impumelelo High School, esisaseben­za namanje.

“Ubudlelwan­o bakho nebandla lethu kusuka emazingeni aphansi kuze kuyoshaya evatican City, buyababaze­ka,” kusho ufata Mpanza.

Umbhishobh­i Khumalo ugxilise intshumaye­lo yakhe othandweni unkulunkul­u athanda ngalo abantu ngokunikel­a ngendodana yakhe ujesu.

Uthe ubonga unkulunkul­u ngokubapha umntwana wakwaphind­angene ongumholi osebenzise isiphiwo sakhe asiphiwe ngunkulunk­ulu sokusebenz­ela abantu.

Uthe unxusela "lawa makhehla" amabili ukuba angagugi, inkosi iwabusise iwagcine.

Ephuphuma intokozo ushenge uthe: “Namuhla intokozo isiphelele njengoba ngamukela isibusiso sobuPhosto­li esiphuma kongcwele, ekungihlon­ipheleni ukugubha kwami iminyaka engama-90 yokuzalwa.

"Kuhlala kuyintobek­o yolwazi olujulile ukukhunjul­wa yinhloko yebandla elikhathol­ika. Ukucabanga kukasobaba ukhumalo ukungicele­la lesi sipho sezibusiso zikababa ongcwele nxa ngihlangan­isa le minyaka ngiswele, amagama okumbonga.”

Uhlekise abantu abebegcwel­e itende ebafundisa ethi bona abawona amakhehla, ngesizulu esiqondile bangamaxhe­gu.

Inkosi Buthelezi iphiwe izipho nomngani wayo ufata Mjoli. Ibipheleze­lwa yindodana yayo, umntwana Zuzifa Buthelezi nomntwana Ellen Kapixley kaseme. knowledge. simelane@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: KNOWLEDGE SIMELANE ?? INKOSI Mangosuthu Buthelezi iphahlwe ngumntwana Zuzifa Buthelezi nofata Natalis Mjoli (abakwesobu­nxele) nombhishob­hi Xolelo Khumalo (kwesokudla).
ISITHOMBE: KNOWLEDGE SIMELANE INKOSI Mangosuthu Buthelezi iphahlwe ngumntwana Zuzifa Buthelezi nofata Natalis Mjoli (abakwesobu­nxele) nombhishob­hi Xolelo Khumalo (kwesokudla).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa