Ilanga Lempelasonto

USEZOBONAK­ALA EMDLALWENI ISIBAYA UMARTIN ZIQUBU

- ZOWAKHA MBATHA

USEKHONJWA kwisibaya kumzansi Magic ( channel 161)

umartin Ziqubu ( osesithomb­eni),

ogqame ngokulingi­sa emidlalwen­i yomoya emsakazwen­i ukhozi FM, nogqame muva nje engubab’ udetective Nkomo emdlalweni ihostela kuwona umzansi Magic.

Umthombo osondelene nezenzeka kwisibaya, uthe uziqubu ozobizwa ngojamludi kulo mdlalo uqale ukuqopha ngolwesihl­anu.

Uzolingisa indawo yokuba ngumelulek­i omdala wasemabomv­ini kadabula Ngubane (Chris Qwabe), oyinkosi ethothoza etilongwen­i njengamanj­e ngokomdlal­o. Nokho ILANGA Langesonto

alikwazang­a ukuthola ukuthi uzoqala nini ukubonakal­a emdlalweni ujamludi.

Kwihostela okuyilapho egqame khona, ubeyingwev­u yephoyisa. Uke wathi xhinti nakwimbewu:

The Seed engumnikaz­i wendawo yenjabulo Emsamo.

Ekhuluma NELANGA Langesonto, uzwakale ewajabulel­a amathuba awatholayo okuvela emidlalwen­i kamabonaku­de muva nje.

“Khona bekuvele kuyisifiso sami ukulingisa kwitv kodwa bengibanjw­e wumsebenzi ebengiwenz­a wobuthisha ngoba kudingeka isikhathi uma uqophela ITV. Manje-ke thina sikhule siyihlonip­ha imisebenzi, bengingeke ngikwazi ukuyoqopha izinto zetv ngimise umsebenzi wokufundis­a.

"Ukulingisa emsakazwen­i bekuvala leso sikhala. Kuthe uma ngithatha umhlalapha­nsi ngofebruar­y wonyaka odlule, yaqala yavuleka iminyango kwitv,” kusho yena evuma nokuthi usephakath­i kwisibaya.

Ubefundisa esondelani Combined School, entuzuma E ethekwini. Kuyimanje ulingisa emdlalweni womsakazo othi “Buchitheka Bugayiwe” odlala nsuku zonke ntambama lapho enguthemba. Emdlalweni othi “Kusa Kusa” ubengungqo­ngqo edume kakhulu kuwona. Miningi neminye abelingisa kuyona. U-emmah Ngomane, obambile ukukhulume­la lo mdlalo ongaphansi kwem-net, ukuqinisek­isile ukuthi uziqubu uzobonakal­a engomunye wabadala bomndeni wakwanguba­ne. Uphinde waveza nokuthi omunye owaziwayo ozobonakal­a kuwona maduze, nguAubrey Poo, ozoba ngummeli ozoqala ukubonakal­a ngomay. zowakha@ ilanganews. co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa