Ilanga Lempelasonto

AKAZIBONI EBUYELA ESTUDIYO OQOKWE KABILI KUMA-SAMA

- LUCKY CAIN

ASIZIBONI siphinde sibuyela e- studio isilomo esingumcul­i we- gospel esiqokwe eminxeni emibili kumasouth African Music Awards (Sama). Ukholeka oqokwe kowebest Traditiona­l Faith Music Album nowebest Produced Album, uthi ujabule ngokweqile ethola izindaba zokuqokwa kwakhe kula ma- award okuklomeli­sa abaculi, emcimbini obuse-alberton Civic Theatre egoli ngolwesine.

Kulo mcimbi kumenyezel­we abaqokiwe kanti UDJ Black Coffee nguyena ohambe phambili ngokuqokwa kaningi eminxeni emihlanu.

Ukholeka uthi ngesikhath­i kumenyezel­wa igama lakhe uhluleke nawukuziba­mba, wenza umdanso adume ngawo.

“Nakuba bengingali­ndele ukuqokwa kodwa kungijabul­isile ukuzwa igama lami limenyezel­wa, ikakhuluka­zi selimenyez­elwa kowebest Produced Album,” kusho lo mculi uthi eyebest Produced Album imjabulisa kakhulu, kwazise nguyena oziphrojus­elile le albhamu eqoshwe bukhoma esihloko sithi “Alibuyi Lilambatha”.

Uthi eminyakeni engu-25 esemculwen­i ubeqala ukuqopha bukhoma.

“Kusukela manje ngeke ngiphinde ngingene e- studio, wonke umculo wami sengizowuq­opha bukhoma,” kusho ukholeka.

Okunye athi kumenza ajabule ngokweqile ngale albhamu yakhe wukuthi kumthathe cishe iminyaka engu-8 ngaphambi kokuba ayikhiphe njengoba ebesaqonge­lela imali yokuqopha bukhoma.

“Ayikho inkampani enkulu engisebenz­e nayo noma usomabhizi­nisi ongixhasil­e ngesikhath­i ngiyenza, konke ngikuqonge­lele mina kwaze kwaba kuyalunga,” kusho lo mculi eveza nokuthi usezinhlel­weni zokwenza umzungezo wemicimbi yakhe lapho ezobe ecula bukhoma njengoba eqalile ngempelaso­nto yephasika e-east London.

Ukholeka uqokwe NO-AKA, Zonke, Nasty C nomlindo The Vocalis kowebest Produced Album kanti kowebest Traditiona­l Faith Music uqokwe nolebo Sekgobela, Paul K, Sipho Ngwenya nespirit of Praise 7.

Khona manjalo lugcine lungamenye­zelwanga uhlu lwabaculi nezingoma eziqokwe emunxeni werecord of the Year njengoba ILANGA Langesonto libikile ngeledlule ngokungabi­bikho kwalolu hlelo olukhonjis­wa KWISABC 1. Akucaci ukuthi luzomenyez­elwa nini kanti abanye babaculi abangaveli kwabaqokiw­e sebethembe lo munxa werecord of the Year.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa