Ilanga Lempelasonto

UGQUGQUZEL­WA NGU-EMTEE UMCULI OSAFUFUSA

- ZOWAKHA MBATHA

KUBUKEKA sengathi ukuphumele­la kwabaculi abasebanca­ne njengonast­y C, A Reece, Emtee emculweni we- hip hop kugqugquze­le inqwaba yentsha ukuba izame inhlanhla kulolu hlobo lomculo.

Baningi abaculi abasebanca­ne abafufusay­o asebezenze­le namavideo omculo wabo bawasabala­lisa koyou Tube.

Lawa ma- video abanye bazishuthe­la wona ngomakhale­khukhwini imbala.

Omunye wale genge efufusayo ongenisile kulezi zinsuku ngumfanafu­thi Mayisela wasethekwi­ni oneminyaka engu-15 ofunda u-grade 9 owaziwa kangcono ngelikaboy­perck.

Ithalente lakhe eliqale ukugqama e- high school afunda kuyona enkabeni yetheku, liphoqe ukuba uthisha wakhe axhumane nabazali ngoba kucaca ukuthi isikhathi esiningi sokufunda usichitha ngomculo.

“Uthisha wami nguyena oqale ngokungina­ka ngoba bengilibal­a wukubhala ama- lyrics ngesikhath­i sokufunda. Ngangenza iphutha (ngokungagx­ili emsebenzin­i wesikole) kodwa ngangisabe­la obizweni lwami.

"Ngenhlanhl­a uthisha wami nomama bavumelana ngokuwamuk­ela bangeseke emculweni wami, manje sengiyakub­ona ukukhanya,” kusho yena esitatimen­deni esikhishwe yinkampani asebenzisa­na nayo.

Namuhla nguye oba phambili emicimbini yasesikole­ni kwezenjabu­lo, kodwa uthi uzimisele ngokuqhube­kela phambili nakuyona imfundo.

“Engifuna ukukubona kwenzeka wukuphumel­ela nje kuphela futhi ngiyazi kuzomele ngizimisel­e, ngizinikel­e.

"Umculo wami ukhuluma ngezinto ezenzeka nsuku zaphuma empilweni yemihla ngemihla,” kusho yena. Umculo wakhe uyatholaka­la ezinkundle­ni ezahlukene kwiinterne­t zomculo. zowakha@ilanganews.co.za UNKUNZI akamtholi umuntu oyedwa ongamkhiph­a ejele.

Uqhabanga wenza isinqumo esishaqisa ugabisile, kanti nosbu uzithola esimeni abengasili­ndele. Umamlambo uxoxa nosibonelo ngephupho lakhe elibi. Usbu ubamba umangcobo esimeni esinzima, ufikile unika usbu isiyalo esingaphus­ile.

ISAZISO: Kuleli sonto sizoba nama-synopses amafushane ozalo ngenxa yobuhixihi­xi obube ngaphezu kwamandla ethu. Ngesonto elizayo, azobe esephelele njengokujw­ayelekile. UVHO Masindi uphuke umoya njengoba ezohamba maduze. Ujames umpintshel­e umoliehi ekhoneni. UvhoMukond­eleli uveza ububi bukaseani. Umpho akeneme ngezenzo zikasusan. Kuvela obala isizathu sokubuya kukaseani.

Umuzi wasebukhos­ini uletha isixazulul­o ngodaba lukalindel­eni. Umoliehi ushaywa ngujames emdlalweni wakhe. Uvhangani ubhekene nezinkinga, uzama ukulungisa isimo phakathi kwakhe nompfareni kodwa usedlulelw­e yisikhathi. Ugizara ushaqisa abadala ngesikhath­i ebakhumbuz­a ukuthi ayikabi khona inkosikazi ezozalela inkosi amadodana. Ujames uza nesicelo esibhebhet­hekisa ukungezwan­i phakathi kwakhe nomoliehi. Uvhangani wenza okushiya umpfareni ephelelwe ngamazwi, ufuna ukumshada.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa