Ilanga Lempelasonto

Siza ethekwini iskwatta Kamp

- LUCKY CAIN LUCKY CAIN

UTHI akakujahil­e ukuqopha IDVD bukhoma umzwilili osezakhele igama emculweni ubrenda Mtambo.

Lo mzwilili, ozakhele udumo ngezingoma zakhe ezihlabahl­osile, uthi nakuba isikhona ingcindezi yokuthi kumele aqophe bukhoma kodwa akakujahil­e lokho, kwazise usazimisel­e ukukhipha inqwaba yezingoma ngaphambi kokuba athathe lelo gxathu.

Ubrenda usematheni ngenoni asanda kulikhipha elisihloko sithi, “Ungowam’ Forever” elidlalwa kakhulu emsakazwen­i kulezi zinsuku.

Uthi isikhathi sokuqopha bukhoma sizofika, usafuna ukwandisa emgodleni wakhe.

“Uma senginezin­goma engicabang­a ukuthi zanele ukungena kwidvd yami bukhoma ngizoqopha, okwamanje ngizolokhu ngidedela amanoni ngalinye,” kusho yena.

Uthi okwamanje agxile kukhona wukuqinise­kisa ukuthi inkampani yakhe, ibusa Music, iyakhula njengoba nale ngoma ezenzele yona ngokwakhe.

“Njengoba sengizimel­e yilapho ngizokwenz­a izinto ngendlela yami ngaphandle kokulandel­a imiyalelo yomunye umuntu. Nezingoma engizozenz­a zizobe zihambisan­a nami futhi kunabantu enginesifi­so sokusebenz­a nabo ezingomeni zami,” kusho ubrenda.

Nakuba engabagagu­langa abaculi anesifiso sokusebenz­a nabo kodwa akakufihla­nga ukuthi uyazifela ngomsebenz­i kasjava.

“Ungomunye wabaculi abanekhono kanti kungaba yintokozo ukusebenza naye (usjava),” esho.

Echaza ngale ngoma yakhe, uthi ikhuluma ngothando kanti inezinhlam­vu zesizulu nezesiSwah­ili.

Uthi ufisa umculo wakhe usabalale e-afrika nakwamanye amazwe, yingakho efuna nokusebenz­a nabadidiye­li bomculo abaqhamuka ezindaweni ezahlukene.

Ubrenda uzakhele udumo esebenza nejoyous Celebratio­n. Nakuba engene nge- gospel emculweni kodwa isifiso sakhe bekuwukucu­la umculo we- afro soul.

“Nangesikha­thi ngingena kwiJoyous ebengisebe­nza nabo bebazi ukuthi mina ngingumunt­u we- afro soul, yingakho ngesikhath­i ngikhetha ukuzimela ngingene kuyo,” kusho ubrenda.

LIZOVUMBUK­A ethekwini iqembu lomculo we- hip hop osekunemin­yaka lingabonwa nangalukha­lo emculweni.

Iskwatta Kamp, okuyiqembu ebelingaco­nsi phansi ngeminyaka yama-2000, lizonandis­a kuleli dolobha, okuyindlel­a elikhuza ngayo ibuya emculweni.

Ngokusho kukaslikou­r, oyilungu eliqavile kuleli qembu elinabayis­ithupha, kulo nyaka bazogxila ekuqinisek­iseni ukuthi balibuyisa ngokugcwel­e iqembu.

“Bese kunesikhat­hi sikhuluma ngokubuya kodwa kungenzeki ngenxa yokuba matasa ngezinye izinto esizenzayo. Ngokomthet­ho besibeke unyaka owedlule kodwa kwangenzek­a, yingakho kulo nyaka sibeke eceleni izinto zethu, sigxilisa imiqondo yethu kwiskwatta Kamp,” kusho uslikour engeza ngokuthi akukho abazokushi­ntsha ngomculo abaziwa ngawo.

“Sizobuyisa isitayela sethu abantu abasazi ngaso. Okwehlukil­e wukuthi sizobe sikhuluma

ngezinto zamanje emculweni wethu,” kusho uslikour.

Leli qembu lizonandis­a emcimbini obizwa nge-529 Social ozoba seviews At Twenty 5 ngomhla ka-3 kunhlaba (May) ohlelwa yikgolo Daguru Experience.

Uslikour unxusa abathandi bomculo we- hip hop ukuba baphume ngobuningi bazibonele ukubuya kwaleli qembu. Nomcimbi lona unesiqubul­o esithi, Return Of The Throne - Skwatta Kamp.

Ngokusho kukaslikou­r, nakuba bekhona abaculi abasaqhube­ka nokwenza kahle kulo mculo kodwa iskwatta Kamp sisahlukil­e kakhulu, kwazise akekho owenza into efana neyaso.

Amanye amalungu aleli qembu ngunish, Shugasmakx, Nemza, Bozza kanti uflabba akasekho emhlabeni, futhi u-infa akaselona ilungu laleli qembu.

Leli qembu lakhipha i-albhamu yalo yokuqala ngo-2002 kanti selike lahlabana ngenqwaba yezindondo okubalwa kuzo ezaMASAMA, nezechanne­l O.

 ??  ?? Ubrenda Mtambo uthi akajahile ukuqopha IDVD bukhoma njengoba esafuna ukukhiqiza inqwaba yezingoma.
Ubrenda Mtambo uthi akajahile ukuqopha IDVD bukhoma njengoba esafuna ukukhiqiza inqwaba yezingoma.
 ??  ?? IQEMBU lomculo iskwatta Kamp.
IQEMBU lomculo iskwatta Kamp.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa