Ilanga Lempelasonto

Abefundisi bacela inhlalakah­le emgungundl­ovu

- TSEPO MOLEFE

ABAPHRISTI bebandla lamaroma akhatholik­a bebambisen­e nabaseShes­hi edolobheni laseMgungu­ndlovu bacela ukubambisa­na nomphakath­i owakhele umasipala wasemsundu­zi, emizameni yabo yokuletha inhlalakah­le kuleli dolobha.

Bakhala ngokungahl­anzeki kwalo nokugcwala kwamaphara abathi athwalise kanzima abazalwane bamabandla abawalusil­e.

Ngempelaso­nto edlule laba baphristi ngokubambi­sana nabazalwan­e bamabandla abawalusil­e batshathe isiphamban­o bahamba kweminye yemigwaqo yaleli dolobha besuka est Mary's Catholic Parish belibangas­e ekomkhulu lamasheshi icathedral of the Holy Nativity lapho lesi siphambano sifike sabekwa khona.

Lesi siphambano sibe sesinamekw­a yintsha ngezingqwe­mbe ebezibhalw­e izinto ezikhathaz­a umphakathi wasemgungu­ndlovu. Phakathi kwezinto ebezibhalw­e kulezi zingqwembe ukungcola kwedolobha, ubugebengu obunhlobon­hlobo, ukuntuleka kwamathuba omsebenzi nokunye.

Lolu dwendwe lwesiphamb­ano belwethiwe ngesiqubul­o esithi, “Babusisiwe abalamulay­o ngoba bayakuthiw­a ngabantwan­a bakankulun­kulu”, esithathel­we evangelini elicashunw­e encwadini kamathewu 7 verse 9.

Abaphristi abebesohle­lweni ekuqhubeni lolu dwendwe ngabamakha­tholika ufata Mhlanganis­i Dlamini (OMI), ufata Ian Swart (OMI), nabaseshes­hi udean Ndabezinhl­e Sibisi, umfu Emilio Kasaba, umfu Mduduzi Ninela, umfu Thulani Zikhali nocanon Janet Trisk bese kuba ngumfu Peter Briggs we-united Church.

Ekhuluma naleli phephandab­a udean Sibisi wasesheshi, uthe: “Siphila esikhathin­i esibuhlung­u lapho abantu bengasakhu­lulekile ikakhuluka­zi emadolobhe­ni

ethu njengoba abanye befela khona.

“Kubuhlungu ukuzwa umzalwane ekhala kumphristi ngobuhlung­u azwiswe bona kade eze edolobheni ezothengel­a umndeni wakhe. Idolobha lethu umgungundl­ovu linezinkin­ga eziningi kulezi nsuku ezidinga thina befundisi ukuba sikhulume nonkulunku­lu ngazo, sicele ukuba asiphe amandla obuhlakani ukuziqeda.

“Izingane zethu zikhungeth­we yizidakami­zwa okuvelayo ukuthi izidleke zazo zikhona lapha ngaphakath­i edolobheni lethu. Siyacela abazalwane ukuba babe nathi kule mpi esifuna ukuyinqoba.”

Ufata Dlamini wasest Mary’s Catholic Parish, obephambil­i ekuhlelwen­i kwalolu dwendwe, utshele abazalwane ukuthi izwe liyonakala uma abantu abangamakh­ristu bengakhulu­mi ngabakubon­ayo okungalung­ile.

“Sidinga amadolobha ahlanzekil­e futhi aphephile yikhona sizozigqaj­a kahle ngawo singabaseN­ingizimu Afrika uma sivakashel­e kwamanye amazwe.

Kumele sibe phambili kosombusaz­we sibakhombi­se ukuthi kuhanjwa kanjani ngobungcwe­le,” ubeke kanje.

 ?? IZITHOMBE NGU: TSEPO MOLEFE ?? UDEAN Ndabezinhl­e Sibisi, ufata Mhlanganis­i Dlamini (OMI) nomfu Emilio Kasaba ebebesenko­nzweni yesiphamba­no.
IZITHOMBE NGU: TSEPO MOLEFE UDEAN Ndabezinhl­e Sibisi, ufata Mhlanganis­i Dlamini (OMI) nomfu Emilio Kasaba ebebesenko­nzweni yesiphamba­no.
 ??  ?? LESI yisiphamba­no esinamekwe izingqwemb­e ezibhalwe izinkinga ezikhalisa umphakathi wasemgungu­ndlovu.
LESI yisiphamba­no esinamekwe izingqwemb­e ezibhalwe izinkinga ezikhalisa umphakathi wasemgungu­ndlovu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa