Ilanga Lempelasonto

OKUNYE NGAYE

-

kuka R2,6 billion ngonyaka ingxenye yayo kufana nokuthi iphonswa emhosheni ngoba kasikho isidingo sekhabhine­thi enamalungu amaningi kanje aphila impilo ephezulu kodwa abantu bebulawa yindlala.

“Ikhabhinet­hi ingaba namalungu awu-15 kuphela, kuthi lena enye imali isetshenzi­swe ekutheni laba abathola imali yesibonele­lo iphindwe kabili.

“Lokhu kungenzeka futhi ngikholwa wukuthi kungalwa nobubha futhi kungasiza nabantu abaningi abagulayo ngoba umnyombo wokugula kwabantu abaningi wukungatho­li ukudla okunempilo ngoba imali abayithola­yo ivele ingabaneli­si.

“Ngiyakhole­lwa futhi ekutheni amaphoyisa, abahlengik­azi nothishela yizona zisebenzi zikahulume­ni okufanele ngabe zihola okwedlula bona osopolitik­i,” kusho yena. yilungu lephalamen­de labantu abasha Kwazulu-natal.

Ziningi izikhundla adlule kuzona kuleli qembu nokuthe ngo2011 waqokwa njengekhan­sela leda kumasipala wetheku.

Usuku lwangomhla­ka 25 kuMbasa (April), wusuku athi lubaluleke ngendlela eyisimanga kuyena ngoba yilona akhethwa ngalo ukuba ngumholi waleli qembu kulesi sifundazwe eminyakeni emine edlule. Uchitha isikhathi ngokuvakas­hela Kwanongoma ekhaya. Uthi yilapho ethola khona ithuba lokuphumul­a. Umndeni wakhe ubaluleke ngendlela eyisimanga kuyena njengoba ethi noma ematasa ngomsebenz­i weqembu futhi efunda kodwa isikhathi somndeni uyasenza

Usipho “DJ Sgqemeza” Mbatha wokhozi FM ungumngani wakhe omkhulu nathi umfake ezintweni ngokumhamb­isa izindawo zobumnandi.

Ungumlande­li wokuqina wosuthu nekaizer Chiefs, kodwa Amazulu FC ahamba phambili njengoba ethi noyise uthanda wona.

Umsebenzi wokuba ngumholi weqembu eliphikisa­yo uthi uwenza ngokuzikha­ndla kodwa kudingeke ukuba adele okuningi empilweni yakhe.

Uyazifela ngemfuyo kodwa uthi izinkomo zakhe uzisisile emizini yabantu.

Uthanda ukuba sendaweni enemifula namagquma ukupholisa ikhanda.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa