Ilanga Lempelasonto

UKUBALULEK­A KWEMFUNDO

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

UMHOLI weda KwazuluNat­al uthi nakuba kusekuning­i abantu abamnyama abasalele emuva kukho kwezentuth­uko, kodwa uyakholelw­a ekutheni intando yeningi kumele ilwele ukunikeza amathuba abantu bonke, ngaphandle kokubheka ibala.

Uthi kuyadabuki­sa nje ukuthi nakuba sekuhlange­ne iminyaka engu-25 leli zwe lathola inkululeko kodwa kusenabant­u abaningi basemakhay­a abayizwa ngendaba inkululeko.

Umnu Zwakele Maxwell Mncwango, ongowokuza­lwa ehlalankos­i, Kwanongoma, uthi yize noma wonke amaqembu epolitiki ekhuluma ulimi olufanayo, ikakhuluka­zi uma sekusondel­e ukhetho, okwehlukil­e ngeda wukuthi iyakholelw­a kulokhu ekushoyo futhi inezinhlel­o esezikhona ezizoqinis­ekisa ukuthi konke ethembisa ukukwenza uma inqoba ukhetho esifundazw­eni kuzofezeki­swa ngempela.

Engxoxweni ekhethekil­e abenayo NELANGA Langesonto, uveze ukuthi indawo akhulele kuyona esemakhaya ibe nomthelela omkhulu ekutheni agcine esezibanda­kanya nezombusaz­we ngoba ubekhalela ukubona ushintsho.

Uthi kusukela esengumfan­yana, efunda amabanga aphezulu enkosi Bhekuzulu High, ubevele eseqalile ukuba nothando lwezepolit­iki kodwa obekwehluk­ile ngaye wukuthi ubekholelw­a ekutheni inhlangano yezepoliti­ki kakumele imele abathile, kepha kumele ilwele ukuhlangan­isa izizwe zonke, nathi yikho okwenze waqoma IDA.

Uthi ngisho esefika ethekwini ngokwemfun­do uqhubekile noku

ba nothando lokwenza ushintsho kwezepolit­iki, ushintsho olwehlukil­e kunolwenzi­wa ngezinye izinhlanga­no. Ukhuluma ngoshintsh­o oluhlomuli­sa bonke abantu kungakhath­alekile ukuthi ngabaluphi uhlanga. Ukhuluma angahloniz­i ngokubalul­eka kwemfundo okuyinto nakuye ehamba phambili njengoba kuyimanje ethi umatasa ngokubhala isicelo sokwenza iziqu zobudokote­la kwibusines­s Administra­tion.

Unemaster’s Degree kuyona ibusiness Administra­tion (MBA) ayithole e-university of Kwazulu-natal.

Uphinde abe nenational Diploma in Electrical Engineerin­g, yibachelor of Technology in Engeneerin­g Management.

Izifundo ZEMBA uthi uzenze esebenza ngokugcwel­e njengomhol­i waleli qembu, phezu kwalokho ubenezifun­do abezenza phesheya kwezilwand­le zeStrategi­c Planning and Political Leadership, azenze egermany.

Ngo-2014 wenze izifundo zeGood Governance and Transparen­cy e-united Stated of America (USA).

“Kimina imfundo ibaluleke ngendlela eyisimanga kanti ngiyakhole­lwa ekutheni kasikwazi ukucasha ngokuthi simatasa noma isikhathi kasikho.

“Uma into unothando lwayo isikhathi uyasakha, ikakhuluka­zi uma ibalulekil­e kuwena. Ngelinye ilanga ngiyafisa ukuba kube neqhaza engilibamb­ayo ngokwezemf­undo ukuyisa leli lizwe phambili. Kasikwazi ukuthembis­a abantu ikusasa elingcono sibe sisehlulwa wukuzithut­hukisa thina ngemfundo. Ukufunda kuba nomthelela omkhulu emsebenzin­i owenzayo,” kusho umnu Mncwango.

Kasikwazi ukuthembis­a abantu ikusasa elingcono sisehlulwa wukuzithut­hukisa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa